Uyaveva umphakathi ngabasolwa ngokudlwengula babulale intombazanyana (5)

Zukile Majova

Umphakathi waseMadzedzeni eMatatiele eEastern Cape ungene umuzi nomuzi ngoLwesibili ekuseni uthungatha iqembu lezinsizwa ezisolwa ngokudlwengula zabulala intombazanyana eneminyaka emihlanu.

Lesi sigameko senzeke esigcemeni sesithupha ngoMsombuluko ebusuku kanti ingane itholwe ngoLwesibili ekuseni inqunu, yopha, inqunywe uqhoqhoqho kanti ummese nejazi lomkhwenyana bekufakwe emlonyeni.

Le ntombazanyana iduke ngezithuba zabo-17:00 ngoMsombuluko ngemuva kokuthi ugogo wayo eyithume kubo kamngani womndeni ukuthi iyocela inkomishi kashukela nephayinti lobisi.

Lokhu kuyinto ejwayelekile ezigodini lapho imindeni empofu yabelana khona nganoma yini encane enakho kuze kufike izinsuku zokuhola impesheni lapho abahola impesheni bethola khona izibonelelo zikahulumeni.

Nangempela uye wanikwa ushukela nephayinti lobisi ukuze abuyele ekhaya. Kodwa akazange afike ekhaya.

Induna yesigodi uMlondolozi Mbanjwa ubikele i-The Informer ukuthi uthole umbiko wokuthi ingane ilahlekile ngoMsombuluko ebusuku kodwa bese kusebusuku kakhulu ukuthi ayelele ukube icingcwe ingane.

“Ekuseni ngaphambi kwehora lesithupha ngibizwe ngamantombazane amabili abone isidumbu esendleleni eyokha amanzi.

“Ngiye khona ngamfica elele ebheke phansi ngase ngithola ingubo komakhelwane ukuze ngimvale ngayo ngase ngibiza amaphoyisa.

“Ngesikhathi amaphoyisa emphendula athole ukuthi unqunywe intamo njengoba wenza uma uhlaba imbuzi,” kusho induna uMbanjwa.

Amadoda omphakathi avele aqala ukungena umuzi nomuzi ebheka izigilamkhuba nokuthe ngemuva kokubheka kanzima abamba insizwa ebezinamachaphazelo egazi ebhulukweni.

Ikhansela lendawo uVikwa uthe kuyanda ukudlwengula esigcemeni sakhe njengoba okungenani kubikwe amacala amane okudlwengula ngenyanga edlule.

UKhomishana wamaphoyisa uBheki Cele usanda kutshela izwe ukuthi angu-11 315 amacala okudlwengula abikwe emaphoyiseni phakathi kukaMfumfu noZibandlela ngo-2021.

I-Lusikisiki, inkaba yokudlwengula yaseNingizimu Afrika, lapho isiteshi samaphoyisa esisodwa esivule khona amadokodo angu-92 okudlwengula nangu-104 amanye amacala ocansi ezinyangeni ezintathu nje, kanti iqhele ngamahora amabili nje ukusuka edolobheni langakithi i-Mt Frere.

Izihloko zakamuva