Uyaveva okamaskandi ngokungakhokhelwa

Linda Ximba

Uthukuthele uyaveva umculi kamaskandi uKhuzani “Indlamlenze” Mpungose nabadidiyeli bakhe be-TV Show ngenxa yokungakhokhelwa u-R300 000, abakweletwa wona.

Lo mculi kamaskandi unohlelo lwangeSonto kusihlwa kwi-SABC 1 olubizwa ngokuthi  Khuzani Bo! elididiyelwa u-Bar leader ophethwe nguLegend Manqele.

Inkampani kaKhuzani, iNdlamlenze Group Productions ibe nesivumelwano noBar Leader ukuthi lo mculi uzothola u-R300 000 ngemuva kokuphothulwa kokukhiqiza kwale-tv show. 

UBar Leader usayine inkontileka ne-SABC ekhombisa iKhuzani Bo! umbukiso ophele ngoZibandlela odlule.

Kodwa sekuphele izinyanga ezinhlanu uKhuzani akakaholi uthi uzizwa eqolwa imali yakhe.

Ngokusho komthombo ukuthi “uKhuzani ucasulwa ukuthi sebekhokheliwe abasebenza ohlelweni lwembangi yakhe uMthandeni Manqele olukhonjiswa ngoMgqibelo,” kusho umthombo.

UMthokozisi Zuma weNdlamlenze Group Productions uqinisekise kwa-Scrolla. Africa ukuthi sebelinde ukukhokhelwa.

“Asikaze siyithole intokozo kuManqele njalo uma sibuza ngenkokhelo yethu obekumele ikhokhwe ngoZibandlela ungena ezintangeni.” Kusho uZuma.

Ethintwa ukuthi aphawule uManqele uphikile ukuthi uKhuzani washintsha isikhashana.

“Ngibayalele ukuthi balandele inqubo. Kufanele balethe i-invoice ukuze imali yabo ingene. Ngolwazi lwami u-R250 000 uzoya kuKhuzani kanti uZuma yena uzothola u-R50 000.”

Khonamanjalo uNhlanhla Mkhabela we-1Durban Media House ekhiqize uhlelo lukaMthandeni Manqele ukuqinisekisile ukuthi sebekhokheliwe.’

Okhulumela i-SABC uNdileka Cola uthe usalinde imininingwane egcwele ngalolu daba ngaphambi kokuthi aphawule.