Kamogelo Olaitan no-Arthur Greene
Bagcine belugobile uphondo baphuma emgodini abasebenzi basemayini yasoKhukho abatelekele izimfuno.
NgoLwesithathu abasebenzi abangu-75 baphume emigodini emibili yezimayini ze-ZAC kwaNongoma ngemuva kokuhlala cishe amasonto amabili. Bagcine bephoqelekile ukuthi baphume ngesikhathi abaphathi becisha ukungena komoya emigodini.
Kodwa akudingeki ukuthi umuntu abuyele emuva kakhulu ukuze athole izinsolo ezimbi ezenziwa yile nkampani.
NgoMasingana walo nyaka kwatholakala ukuthi imayini ichithe cishe amalitha angu-1.5 million emfucuza yamalahle emifudlaneni yamanzi eseduze okuhlanganisa nomfula waseMfolozi.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokubhidlika kwedamu elinodaka namanzi angcolile emayini yamalahle.
Lokhu kudale ukukhathazeka ngoba kungase kuthinte isimo senhlalo noma isimo semvelo kule ndawo eseduze ikakhulukazi isiqiwu saseHluhluwe, eMfolozi kanye nesizinda samagugu omhlaba e-Wetland Park.
Abalimi bathi sekuyiminyaka belwa nale mayini ngokufaka ushevu ezifuyweni zabo nokubeka impilo yomuntu engcupheni.
IMeya kaMasipala wase-Zululand uThulasizwe Buthelezi ukugxekile ukungcola ngoMasingana wanxusa ukuthi kuhoxiswe ilayisensi yenkampani yezimayini.
“UMasipala wethu utshale imali engaphezu kuka-R30 million kwingqalasizinda yamanzi esingcoliswa imayini,” kusho uButhelezi.
Ngonyaka ka-2014 imayini yahlawuliswa u-R497,000 ngokushaya indiva imithetho yezemvelo.
UMnyango wezeMvelo KwaZulu-Natal uhlawulise le mayini ngokuvula imigodi emithathu emisha yokumba amalahle ngasesiqiwini iHluhluwe eMfolozi ngaphandle kwemvume yoMnyango.
Isendaweni yasemakhaya i-Okhukho eduze nasoLundi KwaZulu-Natal kanti abanikazi bemayini i-Menar Holding baphethe u-74% kanye nabasebenzisana nabo i-Maweni Mining Consortium bangama-BEE.
UMaweni ungumnikazi wemayini ngokuba no-26% kanti uSihlalo we-Ingwenya Trust uJerome Ngwenya ungumnikazi wamasheya kanye nomqondisi we-ZAC.
I-Menar Holding kasomabhizinisi wase-Turkey uVudlat Bayoglu, ithenge imayini e-Rio Tinto ngo-2016.
Abanikazi abasha bethulwa ngokusemthethweni ngo-2017 emcimbini obuhanjelwe nguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha ngaleso sikhathi uMnu Sihle Zikalala neSilo Samabandla uZwelithini KaBhekuzulu esesakhothama.
Ngo-2016 kwashiswa omunye umhhume kanjalo nehhovisi okusolwa ukuthi intsha yendawo ebifuna ukuqashwa kule mayini.
Izinkinga zenethiwekhi zivimbele uNgwenya ukuthi akwazi ukuphendula imibuzo ye-Scrolla.Africa kusenesikhathi ukuze ishicilelwe.