Uyaqhubeka umqhudelwano wezaguga webhola likanobhutshuzwayo 

Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni

Bekuyimpi eshubile phakathi kogogo baseMelika nabakuleli ngesikhathi kunomdlalo wokuqala woqhudelwano we-Grannies International Football Tournament (GIFT) enkundleni yezemidlalo i-Nkowankowa ngaphandle kwase-Tzaneen ngeSonto ntambama.

Iqembu laseMelika linenebule iVakhegula Vakhegula FC yakuleli lawina ngo 3-2 emdlalweni wokuvula.

Iqembu laseMelika beliphethe umdlalo zisuka nje lashaya igoli labo lokuqala emizuzwini emithathu nje kuphela umdlalo uqalile lalandela ngegoli lesibili ngemuva kwemizuzu emibili. Kuyiwe ekhefini ibhodi lomdlalo livuna abaseMelika ngo 3-1, kanti uThelma “Majoro” Ngobeni uye washayela iqembu lase-Limpopo amagoli amabili enduduzo.

Kodwa uNgobeni akazange aphele amandla futhi uveze ukuthi ujabulile ngendlela iqembu lakhe elidlale ngayo wathi bazolwa kanzima ukugcina le ndebe kuleli.

UKim Brooks (59) waseMelika ongumdlali wasemuva ukujabulele ukuwina wathi uhlelo lwabo ukuwina lo mqhudelwano. Uphinde wazwakalisa ukumangala kwakhe ngendlela elakuleli elithuthuke ngayo wathi “Abantu balapha banezinhliziyo ezinhle, ngiyazithanda izingubo ezimibalabala ezigqokwa abantu futhi nomculo uyamangaza.”

I-Grannies International Football Tournament umqhudelwano webhola likanobhutshuzwayo womhlaba wonke wabesifazane abaneminyaka engu-50 nangaphezulu kanti kuwo kuneqembu ase-Zambia, e-Mozambique, e-France, e-Zimbabwe kanye namaqembu ayisikhombisa akuleli abambe iqhaza.

Emcimbini wokuvulwa kubonakale la maqembu ehamba elokishini lase-Nkowankowa ngaphambi kokudlulela enkundleni lapho abalandeli bebhola bebejatshuliswa khona abaculi abahlukene okubalwa iMalamulele Choir, iCool B namaqembu omdanso wesintu.

UMengameli we-Safa esifundeni sase-Mopani uVincent Mohale, ubize lo mqhudelwano “njengesibusiso” nokukhuthazwa okubalulekile kwebhola labesifazane. Uqinisekise ukuthi wonke amaqembu azovikeleka aze abuyele emakhaya. Lo mcimbi ubuhanjelwe uNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko e-Limpopo uNakedi Kekana, iNduna uRibye Muhlava kanye noNgqongqoshe woMnyango wezeziMali uSeaparo Sekoati.

Le midlalo izoqhubeka ngoMsombuluko ekuseni, kanti umdlalo wokugcina uzoba ngoLwesithathu ukuze kuphothulwe umqhudelwano. Ngabe iqembu laseMelika lizoqhubeka nokubusa noma elinye lamaqembu lizoyithatha indebe? Hlala ubukele ukuze uthole imiphumela!

Esithombeni esingenhla: Iqembu laseMelika libhekene neVakhegula Vakhegula FC

Umthombo wesithombe : Nkhensani Mthomeni

Izihloko zakamuva