Lubhalwe nguThabisa Ndzindzwa
Imikhankaso yezivimbamgqawo kanye nokumisa nokusesha izimoto iyaqhubeka emadolobheni nasezinxanxatheleni zezitolo e-Eastern Cape, futhi kwenze kwabonakala amaphoyisa amaningi njengoba amaphoyisa esebenza ukuqinisekisa ukuphepha nokuvikeleka kwezakhamizi kanye nezivakashi ngempelasonto yePhasika.
UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant General Nomthetheleli Mene uyalele izinhlaka ezahlukene zakwa-SAPS ukuthi ziqinisekise ukuthi kutshalwa amaphoyisa anele ngaphambi naphakathi kwamaholidi ePhasika, ngokwesitatimende esikhishwe abakwa-SAPS.
Kuzogadwa ogwini, emingceleni kanye nakothelawayeka kuyo yonke imigwaqo kazwelonke.
Ngokusebenzisana nezinhlaka ezahlukene i-Eastern Cape Liquor Board kanye namaphoyisa omgwaqo esifundazweni baqhube imikhankaso ye-Arrive Alive kusukela ngesonto eledlule.
“Umyalezo wethu kubashayeli uthi ‘ungaphuzi uma uzoshayela, utshwala bungalinda’,” kusho okhulumela i-Eastern Cape Liquor Board uMgwebi Msiya etshela i-Scrolla.Africa.
Uthe bayawuqinisa lo myalezo ngoba utshwala sebutholakale buyimbangela yokwanda kwezingozi esifundazweni ngalesi sikhathi.
“Sifuna ukwehlisa isibalo sezingozi emigwaqeni yethu futhi kuyasijabulisa ukuthi kuze kube manje azikho izingozi ezimbi kakhulu okusho ukuthi abashayeli bethu bayalalela,” kwengeza uMsiya.
Khonamanjalo, okhulumela uMnyango wezokuThutha esifundazweni u-Unathi
Bhinqose uthe kusukela ngoLwesine akukho okushintshile ngenani lezimoto ezingenayo kanye neziphumayo esifundazweni. Babelindele izimoto eziningi kusukela phakathi kwamabili kuphela.
Esithombeni esingenhla: Amalungu ebhodi le-Eastern Cape Liquor Board kanye namaphoyisa omgwaqo esifundazweni
Umthombo wesithombe: Facebook