Uyaqhubeka umkhankaso wamaphoyisa wokugasela ezimayini

Everson Luhanga

Kutholwe imboni enkulu yezimayini engekho emthethweni kwashaqwa izidakamizwa zenani elingaphezu kuka-R200 000 ngesikhathi kugasela amaphoyisa e-Springs, e-EKurhuleni ngoLwesine.

Amaphoyisa athole lokhu ngesikhathi somkhankaso we-Operation O Kae Molao.

Okhulumela amaphoyisa ase-Gauteng uLieutenant-Colonel Mavela Masondo uthe bangu-14 abantu abasebenza kulesi sikhungo.

Uthe ukugasela kwabo kulesi sikhungo esisendaweni yezimboni kudalwe ulwazi oluholele ekhelini labo.

Ngesikhathi amaphoyisa egasela kubo athe abantu abaningi abatholile abasemazweni angaphandle abangenazo izincwadi ezisemthethweni zokuba kuleli, bebematasa belungisa  izinto ezinegolide ngemishini emikhulu.

UMasondo uthe i-Springs e-East Rand ingenye yezindawo esifundazweni ezinenkinga yezimayini ezingekho emthethweni.

 “Amaphoyisa azoqinisa ukusebenza kwalolu hlobo kule ndawo nakwezinye izingxenye zesifundazwe ezinezinkinga ezifuze lezi.”

UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni sase-Gauteng uLieutenant-General Elias Mawela uthe baqale umzuliswano wokuqala ngoLwesithathu, ngesikhathi kuboshwe abasolwa abangaphezu kuka-900 abebefunwa ngamacala ahlukene.

“Isigaba sesibili salo msebenzi ngoLwesine ekuseni siqale ngesivimbamgwaqo kuthelawayeka u-N12.”

Ngesikhathi kuvinjwe umgwaqo kuvinjwe imoto kwathi uma iseshwa kwatholakala amaphilisi e-mandrax abiza u-R100 000.

“Sithole ukuthi umsolwa owasezweni langaphandle futhi uhole amaphoyisa e-Primrose lapho kutholwe izidakamizwa ezingabiza u-R150 000.

“Kusenjalo emgwaqeni amaphoyisa athole imoto okubikwa ukuthi yebiwe abopha abantu abaqhamuka emazweni angaphandle abangaphezu kuka-20 abangenazo izincwadi.”

Ngesikhathi amalungu e-SAPS eqhuba i-Operation O Kae Molao e-East Rand, ozakwabo be-JMPD bebebopha abantu basemazweni angaphandle abangenazo izincwadi kanye nabavukuzi abangekho emthethweni emijondolo eyahlukene eGoli.

UDavid Tembe, oyiLungu le-Mayoral Committee (MMC)  lezokuPhepha koMphakathi eGoli uthe izikhulu ze-JMPD zibambisene ne-SAPS, uMnyango wezaseKhaya nezinye izinhlaka zenze impumelelo enkuku emkhankasweni wazo omkhulu obizwa ngeBuya Muthetho e-Zamimpilo nase-Langlaagte.

“Kade sigasela ezindaweni ezihlukene futhi sizoqhubeka nokufaka ingcindezi sicindezela izigebengu emphakathini wethu,” kusho uMMC Tembe.