USousa Jamba uthi abantu base-Angola bayayithanda imidlalo yabo ewuchungechunge – kodwa ayikaze ibe khona eyofaniswa nodaba lwesidumbu sikaJosé Eduardo dos Santos.
Isidumbu salowo owayenguMengameli wase-Angola uJosé Eduardo dos Santos, oshone mhla ziyisishiyagalombili kuNtulikazi sisabhajwe emakhazeni e-Barcelona, e-Spain.
Manje inkantolo yase-Spain isinqume ukuthi unkosikazi kaMengameli ongasekho u-Ana Paula dos Santos, nguyena umfelokazi wakhe osemthethweni ngaphansi komthetho wase-Spain futhi angenza akuthandayo ngesidumbu – ikakhulukazi ngokwenza umngcwabo wombuso e-Luanda, inhlokodolobha yase-Angola.
Lezi zindaba zibe sematheni kwabezindaba abalawulwa uhulumeni wase-Angola. Ukuba nesidumbu sikaDos Santos e-Luanda kungaba ukuketula umbuso kuhulumeni.
Phambilini iqulu lamadoda angaziwa liye emakhazeni namaphepha efuna isidumbu sikaDos Santos.
Kuvele ukuthi banokuxhumana nehhovisi lenxusa lase-Angola e-Madrid, inhlokodolobha yase-Spain. Izinkundla zokuxhumana zase-Angola ; bezivutha amalangabe abantu bethi ukuntshontshwa kwesidumbu kuvame ukuhlotshaniswa nokuthakatha.
Sonke isiphithiphithi esimayelana nomzimba kaDos Santos sihehe abantu abaningi base-Angola ngoba abantu banentshisekelo yokwazi okulandelayo ngemuva kokushona kukaMengameli.
Abantu bathanda ukuqopha amavidiyo emathuneni uma amalungu omndeni anomunyu eqala ukulwa. Kujwayelekile ukuthi amakhosikazi nezincanekazane soshonile kanye nemindeni yawo balwe emathuneni.
Ingxabano ezungeze isidumbu sika-Dos Santos iphakathi kwalabo ababe ngamakhosikazi akhe, izincanakazane zakhe kanye nodadewabo ezinkundleni zokuxhumana.
Uhulumeni ukhiphe isitatimende esithi konke akukho lula ngenxa “yezingane ezimbili kweziningi zikaDos Santos”. Ukuthi “izingane ezimbili” zihlohle ezinye eziyisishiyagalombili ukuthi zisole abezindaba zombuso ngokungahloniphi.
Inhloko yezokuphepha zikaMengameli wase-Angola uJoão Lourenço, uJenene uFrancisco Furtado, iphumele obala wathi uzoqeda yonke le mbudane yombango wesidumbu. Uye e-Spain phakathi nezindaba eziningi ezisakazwayo wamemezela ukuthi uzobuya emuva nesidumbu sikaDos Santos.
UFurtado uhlale ehhotela eliwubukhazikhazi lase-Barcelona amasonto amabili kodwa ubuyele e-Luanda ngaphandle kwesidumbu.
Amadodakazi amabili kaJosé Eduardo dos Santos – uTchize kanye no-Isabel – adalule ukuthi lowo owayengunkosikazi kaMengameli u-Ana Paula dos Santos walahla uyise futhi wayezijabulisa nabafana abancane ngesikhathi ubaba wabo egula.
Baphinde basole lowo owayengunkosikazi kaMengameli ngokusebenza ngokubambisana noMengameli uJoão Lourenço isikhathi eside kodwa ekugcineni bebengaboni ngaso linye emabhizinisi abo.
Ohamba phambili ekulweni nosingamama wakhe uTchize dos Santos. Lowo owayeyilungu lePhalamende (44), weqembu elibusayo i-MPLA (waxoshwa ePhalamende ngenxa yokulova isikhathi eside kanye nokungahloniphi) unabalandeli abayisigidi ekhasini lakhe laku-Instagram. Abantu bayamthanda uTchize ngenxa yokukhuluma kwakhe ngokungagwegwesi kanye nama-jocozenes ase-Angola – imvelo yakhe yokujabula.
Kwesinye isikhathi wabelana ngezithombe zezidlo zase-Angola aziphekayo ngesikhathi ekhala ngokuthi ukhumbula ekhaya.
Kwesinye isikhathi wenza eminye imidanso ahlose ngayo ukubukisa ngezinqa zakha, osekukaningi eqinisekisa isizwe, azisiwo umfakela. Ugcizelele ukuthi akakaze adinge ukubona udokotela wobuhle wase-Brazil njengoba ephakathi kwabesifazane base-Angola abaseqophelweni eliphezulu ngobuhle.
Njalo kusihlwa ndawana thile e-Europe, ngesinye isikhathi esesikebheni, uTchize dos Santos uhlezi egxeka uhulumeni kaJoão Lourenço.
Ugcizelela ukuthi bekuyisifiso sikayise ukuthi umholi we-UNITA u-Adalberto Costa Junior, aqokwe njengoMengameli. Uze wafunga ukuthi uma eqamba amanga uNkulunkulu angagcine ngokubulala yena yedwa kodwa abulale nezingane zakhe ezintathu.
Uthi uLourenço ufuna ukuba umphikisi omkhulu emngcwabeni kayise. Kunohide lwezinto ezincane, uTchize uthi, ubaba wakhe wahlupheka kakhulu ngenxa yesifiso sikaLourenço sokuziphindiselela.
UTchize dos Santos nethimba lakhe labammeli bafake isicelo sokuphikisa isinqumo senkantolo yase-Spain sokukhulula isidumbu kanti impi ezinkantolo zase-Spain izoqhubeka. E-Angola abantu abaningi bangena ku-Instagram ukulandela lolu daba.