Uyaqhubeka owokuthunjwa kwabanikazi bezitolo eKapa

Buziwe Nocuze

Kuyanda ukuthunjwa kwabanikazi bezitolo e-Bangladesh eKapa ngemuva kwalokho izigebengu zifune imali. Lokhu kungenxa yokuthi izigebengu zibona abanikazi bezitolo njengabantu abenza imali eningi.

Esigamekweni sakamuva abantu abathathu base-Bangladesh abasebenza esiphaza ngaselokishini i-Samora Machel bathunjwe ezitolo zabo ngemuva kwalokho abathumbi bafune ukukhokhelwa u-R5 million ukuze babuye bephephile.

Izisulu bezidukile kusukela ngomhlaka-17 kuNtulikazi. 

NgeSonto umphakathi wase-Bangladesh ubuthene esikoleni samabanga aphansi e-Rylands unxenxa ukuthi kuphele ukuthunjwa kwabanikazi bezitolo.

Abantu ababathumbile bacela izizumbulu zemali esingenayo,” kusho elinye ilungu lomphakathi.

Enkulumweni eqoshiwe ebilalelwe i-Scrolla.Africa umsolwa osolwa ngokuthumba uzwakala ebuza ukuthi kungani kuthathe isikhathi ukuthola imali abayicelile. Umthumbi uqhube wathi usekhathele ukuziphinda kaningi. 

Umthengisi wesitolo wase-Bangladesh uzwakala echaza ukuthi abanayo imali. Izisulu zidayisa izinhlanzi nama-chips kuphela azinayo imali efunwa abathumbi.

Umthumbi uthe ujwayele ukubona inqwaba yabantu bengena ngobuningi babo beyothenga ezitolo zalaba abathunjiwe okusho ukuthi benza imali eshisiwe.

Ngesikhathi etshelwa ukuthi amakhasimende awathengi izinto ezibiza ngaphezu kuka-R10 umsolwa uvele wabhoka ngolaka wathi omunye wabasolwa ushonile.

Ngokusho komphakathi lesi akusona isigameko sokuqala sokuthunjwa kwabo. NgoNhlaba owesilisa wase-Bangladesh naye ongumthengisi wathunjwa kodwa wadedelwa ngesikhathi umndeni wakhe usukhokhe u-R100 000 owawufunwe abathumbi.

Uthi wahlukunyezwa wanqunywa iminwe yashiswa futhi bakhipha izinzipho eminweni yakhe.

“Kade sizama ukuthola imali bacela into esayenza ngesikhathi kuthunjwa omunye wethu, kodwa inkuli lemali kunzima ukuba nayo.”

UFaiez Jacobs oyilungu le-ANC ePhalamende e-Greater Athlone uthe bayaludinga ulwazi ngoba kwesinye isikhathi amaphoyisa awanawo amandla okusingatha lolu phenyo. Bamatasa futhi babhekene nobugebengu obuningi e-Cape Flats.

“Kumele sifinyelele esiphethweni salokhu, futhi imiphakathi kumele ibe ngeyokuqala ukubika lokhu uma kwenzeka,” kwengeza uJacobs.

Okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape uKaputeni Frederick van Wyk uthe kuyaphenywa ngalesi sigameko.

Izihloko zakamuva