Uyaqhubeka owe-Cotton Fest

Sizwe Sibiya

Nakuba kwashona kungazelelwe usomabhizinisi, umrepha kanye nobengimsunguli we-Cotton Fest uRiky Rick, kodwa umcimbi wakhe wesinsuku ezimbili izoqhubeka njengoba kwakuhleliwe ngomhlaka 23 kuMbasa.

Ngaphambi kokudalula uhlu lwabaculi abangaphezulu kwaba yikhulu abazonandisa kulo mcimbi wezinsuku ezimbili, i-Cotton Fest ithe bazobe bephethe lo mcimbi ukuhlonipha umsunguli wayo.

Lo mcimbi uzoba e-Newtown, eGoli ngempelasonto yomhlaka-23 kuMbasa.

“Ithimba le-Cotton Fest lizogcina umbono kaRiky uphila ngokuhlanganisa abadla ukotini ukuze bagubhe ukuhlangana komculo nemfashini,” kubhala i-Cotton Fest ku-Twitter ngoNdasa.

Khonamanjalo, kumenyezelwe ukuthi uLula Odiba we-YFM, uTshego Koke ongumsakazi ku-MTVBase, uKabelo ‘Uncle Vinny’ Ndlovu kanye nosomahlaya uRobot Boii bazosingatha lo mcimbi.

Umthombo wesithombe:@ Cotton Fest

Scrolla World Cup Quiz