Uyaqala umsebenzi ngomzila wezitimela oxhumanisa iLimpopo neGoli

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane noSibongile Nonyana

Usuqalile umsebenzi wokuhlonza umzila wezitimela ozokwakhiwa phakathi kwe-Gauteng ne-Limpopo ukuze kuncishiswe izingozi nesiminyaminya emgwaqeni oxhumanisa lezi zifundazwe.

Lokhu kudalulwe uNgqongqoshe wezokuThutha e-Gauteng uNkk Kedibone Diale-Tlabela ngoLwesine ngesikhathi ethula isabelo mali sonyaka ka-2024 no-2025 eSishayamthetho sase-Gauteng.

UNgqongqoshe uDiale-Tlabela uthe kumanje ucwaningo luyaqhubeka ukuze kuqalwe umsebenzi walo mzila wezitimela.

“Kuyangijabulisa ukuthi nginazise ukuthi njengoba oNdunankulu bobabili owase-Gauteng nowase-Limpopo bavumelene ngalo mzila. Ngakho ucwaningo ngokwakhiwa kwawo seluqalile kanti amathimba asebenzayo ngawase-Gauteng nase-Limpopo,” kusho uDiale-Tlabela.

Okwamanje i-Gauteng isanomzila oyixhumanisa neKZN wezitimela onqamula esifundazweni i-Free State uyongena eThekwini. 

I-Limpopo isathembele emabhasini namatekisi ukuze abagibeli bezithuthi zomphakathi bafinyelele eGoli.

Ngaphandle kwalokho kulesi sabelomali sika-9 billion kukhona nohlelo oluqondene nokufakwa kwe-Gautrain emalokishini aseGoli okuyi-Soweto neMamelodi esePitoli.

Okwamanje i-Gautrain eyaqala ngomsindo ngesikhathi sowayenguNdunankulu wase-Gauteng uMnuz Mbazima Shilowa, isanemizila esezindaweni zabadla izambane likapondo okuyi-Sandton kuyoshaya e-Rosebank.

I-Gautrain kuzokhumbuleka ukuthi amaKhomanisi esaholwa uSolwazi uBlade Nzimande ayethi ayibasiza ngalutho abasebenzi nabampofu.

Baze bayiqamba ngokuthi i-Shilowa Express.

Izihloko zakamuva