Uyaphika osolwa ngokutshontsha ekaRamaphosa epulazini

Celani Sikhakhane

Ababili kwabahlanu abasolwa ngokuzama ukuntshontsha u-R60 million kaMengameli uCyril Ramaphosa epulazini lakhe i-Phala Phala baziqhelelanisile nezinsolo abebekwe zona kunalokho bavuma ukuthi bayaziphantela. 

U-Erkki Shikongo ophila impilo ewubukhazikhazi eKapa utshele iphephandaba i-Sunday Times ukuthi konke anakho wakwenza ngokushushumbisa igolide, izibhamu nemali ngokungekho emthethweni phakathi kwezwe lakubo i-Namibia, i-Angola nakuleli.

“Ngingumuntu othanda ukuphithizela, kodwa angizange ngintshontshe imali kaMengameli. Igolide ngililetha ngapha ukuze ngilidayise eKapa,” kusho uShikongo etshela iphephandaba.

“Ilapho engathola khona leyo mali. Uma ufuna ukushintsha amadola e-Angola, bazokuthengisela amadola.

Kukhona indawo lapho ongashintsha khona ngamadola. Kodwa kanjani manje sebethi sintshontsha imali kaMengameli?”

Impendulo yalo mbuzo ithi lowo owayeyisikhulu sezobunhloli u-Arthur Fraser ubize uShikongo kanye no-Urbanus Shaumbwako, uPetrus Muhekeni, u-Imanuwela David kanye noPetrus Afrikaner njengabaphehli bezinsolo zokugqekeza ipulazi likaMengameli ngoNhlolanja ngo-2020.

UShikongo uthe uwazi wonke la magama ngaphandle kukaPetrus Afrikaner.

UShikongo unefulethi lika-R1.7 million alithenge e-Camps Bay, eKapa indawo ka-R300 000 e-Wallacedene e-Kraaifontein ne-VW Golf GTI.

Esikhalweni sakhe sobugebengu uFraser uthi uShikongo wadlulisela le mali engu-R715 000 endaweni edayisa izimoto ngayo leyo nyanga agqekezelwa ngayo. Ezinye izindawo zathengwa ngokuhamba kwesikhathi ngonyaka ka-2020.

Kodwa uShikongo utshele i-Sunday Times ukuthi zonke lezi zimpahla zathengwa ngemali engu-R3-million ayenza ngemuva kokudayisa igolide elashushumbiswa lisuka e-Angola emayini ebizwa ngokuthi i-Lunda. 

Uphenyo olwenziwe abutholakalanga ubufakazi bokuthi imayini ikhona yini. 

UShikongo uchaze uMuhekeni njengomfowabo kanti uMuhekeni wathi ungumfowabo nomzala kaShikongo.

UMuhekeni osebenza njengomshayeli we-Uber ne-Bolt e-Namibia utshele leli phephandaba ukuthi yena akahlangene nokugqekezwa kwezindlu uphila ngemali yesibonelelo sikahulumeni. 

Ngesonto eledlule i-EFF ishicilele izithombe okuthiwa ngezokuzama ukugqekeza.

Lesi sigameko sesikhuphule ingcindezi kuRamaphosa osolwa nguFraser ngokuthumba nokugwazisa. Ngesonto eledlule iPhalamende laphazanyiswa i-EFF ngesikhathi ingafuni uMengameli akhulume nendlu kuze kube uphendula ngemibuzo mayelana nalezi zinsolo.

Izihloko zakamuva