Sizwe Sibiya
UNkosazana Daughter ukhuphukele esicongweni kumashadi omculo washiya ngemuva izilomo ezinjengo Kendrick Lamar noDrake.
Ingoma iSofa Silahlane ekhiqizwe nguMaster KG noLowsheen ibekwe endaweni yokuqala kuwo womabili amashadi omculo aphezulu kwangu-100 e-iTunes SA neshadi lomculo elidumile u-YouTube.
Le ngoma ekhishwe ngomhlaka-13 kuNhlaba ethi Sofa Silahlane idle umhlanganiso emasontweni amabili yashiya igebe kwezinye izingoma.
Ukwengeza lokhu ividiyo yomculo eyaphuma nyakenye kaNkosazana Daughter, uMaster KG, uBasetsana kanye no-Obeey Amor ethi Dali Nguwe isendaweni yesine eshadini lamavidiyo omculo aphezulu ku-YouTube esibukwe abantu abangaphezu kuka-8 million kusukela yaqala ukukhonjiswa ngomhlaka-18 kuNdasa.
Lesi sihlabani uNkosazana Nolwazi Kimberly asikaze sibheke emuva kusukela sakhipha ingoma yaso yokuqala ethi Emazweni ayicula noDJ Skillz kanye noTNS ngoMandulo nyakenye.
Kulo nyaka uwodwa usehlanganise izingoma ezishisa izikhotha nomculi wama-piano uKabza De Small okuhlanganisa neculo elithi Ebusuku le-EP yakhe enezingoma ezine zakhe asanda kuzikhipha enesihloko esithi Ziwangale.
Enye ingoma yakhe ethi Nomathemba uyicula noDJ Givy Baby ehambisana noSir Trill kanye noSoa Mattrix. Ingoma ikwazile ukuhlala eshadini izinyanga ezimbili futhi okwamanje ihleli kwinombolo ka-22 kumavidiyo aphezulu omculo kwi-YouTube.
Le ngoma ethi Sofa Silahlane ingoma ekhuluma ngothando njengezinye zezingoma eziningi zikaMaster KG isibukwe abantu abangaphezu kuka-1.9 million emasontweni amabili nje iphumile ngaphandle kwevidiyo yomculo.