Uyanda owokushadiswa kwezingane ezincane ngenxa yendlala

Kamogelo Olaitan

Isomiso esisabalele e-Ethiopia siphoqa amantombazane amaningi ukuthi ashade esemancane.

Ngokwe-United Nations International Children’s Emergency Fund (i-Unicef) izigameko zokushada kwezingane zinyuke ngo-51% ezinyangeni eziyisithupha ezedlule.

Imindeni yamantombazane asemancane iphoqeleka ukuthi iwadedele ashade esemancane ngethemba lokuthi imali ezophuma emshadweni izosiza ukuze babeke ukudla etafuleni.

Izindawo ezinkulu zezwe zihlaselwe isomiso esibi ngemuva kokubhuntsha kwezimvula ezintathu zilandelana. Lokhu kulethe indlala, ukungondleki kanye nokufuduka kwabantu abaningi  e-Ethiopia, i-Somalia, i-Kenya nase-Djibouti.

Umqondisi omkhulu we-Unicef uCatherine Russell uthe abazali bashadisa amadodakazi abo emindenini ecebile ukuze bayolanda ilobolo ngemuva kokuphelelwa ukudla.

“Sibona ukwanda komshado wezingane ezisencane,” kusho uRussell.

Uqhube wathi amantombazane angafundile ahlupheka kakhulu njengoba ephoqeleka ukuthi asheshe ashiye amakhaya futhi asengcupheni yokuhlukunyezwa ngokobulili kunamantombazane afundile.

Zingaphezu kuka-600 000 izingane okubikwa ukuthi zishiye phansi isikole ngenxa yesomiso.

URussels uphinde wathi isifunda sase-Oromia esingesinye sezindawo eziyisithupha ezikhahlanyezwe isomiso sinamantombazane amaningi ashadiswa esemancane.

E-East Hararghe zone zingu-2.7 million izingane ezishadiswa zisencane lokhu kukhuphuke ngo-51%.

Ezinyangeni eziyisithupha imishado yezingane engu-70 yaqoshwa phakathi nenkathi yezinyanga eziyisithupha ngonyaka ka-2020 no-2021 kuya kwezingu-106 ngesikhathi esifanayo ngonyaka olandelayo.

Ngokwemininingwane etholwe i-Unicef kuhulumeni wasekhaya ngesonto eledlule angu-672 amacala okushada kwezingane aqoshwa phakathi kukaNhlolanja noNcwaba ngo-2021. Ezinyangeni eziyisithupha kusukela ngoMandulo nyakenye kuya kuNdasa walo nyaka lesi sibalo sinyuke safinyelela ku-2,282.

Izihloko zakamuva