Uyalulama umshayisibhakela oquleke eringini 

Lubhalwe nguLinda Ximba

Uyalulama esibhedlela uLudumo Lamati ngemuva kokuquleka emzuliswaneni ka-12 empini ebise-Northern Ireland ngoMgqibelo.

Ubelwa noBriton Nick Ball bebanga ibhande le-World Boxing Council (WBC) silver featherweight e-SSE Arena ngesikhathi equleka ngomzuliswano ka-12.

Unompempe uKevin Parker umise impi uLamati wakhishwa eringini waphuthunyiswa esibhedlela.

Abaphathi bakhe ne-Boxing South Africa (BSA) sebenikeze imininingwane ngokululama kwakhe.

Ibamba le-CEO ye-BSA, u-Erick Sithole lithe sebexhumene nehhovisi lenxusa lakuleli elise-Northern Ireland elilokhu libanikeza imininingwane.

Isitatimende esikhishwe ngabagqugquzeli bempi kaLamati, i-Boxing5 Promotions siveze ukuthi ngesikhathi uLamati efika esibhedlela e-Belfast uhlolwe kaningi waphinde wayiswa nakuma-scans.

Inqubekela phambili ngokulimala kwakhe izokwaziwa maduze uma kukhona ushintsho.

I-Boxing5 icele kubekwe emthandazweni uLamati ukuze alulame ngokugcwele.

Lokhu kuhlulwa kuphawule ukulahlekelwa okokuqala emsebenzini kaLamati. Lo mdlali oneminyaka engu-31 ubudala owayengumpetha we-South African and International Boxing Organisation (IBO) junior featherweight useqophe umlando enqoba izikhathi ezingu-21, wahlulwa kanye nokudlala ngokulingana.

UNick Ball obebhekene noLamati, unqabile ukugubha ukunqoba kwakhe engxoxweni yakamuva ezwakalisa ukukhathazeka ngempilo kaLamati.

Ugcizelele ubucayi besibhakela waveza ukuthi unethemba lokuthi uLamati uzolulama, wathi okuhamba phambili kulesi simo ukululama kukaLamati.

Isithombe esingenhla: UNick Ball ebhekene noLudumo Lamati

Umthombo wesithombe: I- Twitter

Izihloko zakamuva