Uyalulama umshayisibhakela oquleke eringini 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Umshayisibhakela uLudumo Lamati usephapheme futhi uyalulama kancane kancane ngemuva kokuhlushwa ukopha kwengqondo ngesikhathi elwa noNick Ball ngempelasonto edlule.

Esembangweni wesicoco se-WBC silver featherweight ne-featherweight, uLamati uqulekile kwadingeka ukuthi akhishwe enkundleni yase-Belfast okuphoqe nokuthi kumiswe umdlalo.

Uphuthunyiswe esibhedlela wafike wafakwa kwi-coma ngenxa yokwelashwa.

Ama-scans ngesonto eledlule aqinisekisa ukuthi lo wesilisa oneminyaka engu-31 ubudala akekho engozini kanti i-Boxing 5 Promotions iphinde yaveza okwenzekayo ngempilo yomshayisibhakela.

Kumanje umkhankaso wokuqoqwa kwemali oqalwe ngabashayisibhakela base-Belfast usaqhubeka kanti ophromotha badlulise ukubonga kubalandeli ngokubeseka.

“Umpetha wethu uyalulama futhi useqalile nokudla,” kusho abagqugquzeli esitatimendeni ngoMsombuluko.

“Silinde eminye imininingwane kodokotela uma esethuthelwe ewodini elisha ngenqubekela phambili.”

“Asikwazi ukubonga wonke umuntu ngokwanele ngemiyalezo nemithandazo enomusa. Sibonga imicabango nemithandazo elokhu ingenile.”

Osesithombeni esingenhla: ULudumo Lamati

Umthombo wesithombe: @ConlanBoxing

Izihloko zakamuva