Uyalulama umqeqeshi ngemuva kokuhlinzwa

Umqondisi weqembu lebhola lombhoxo uJake White uzothatha ikhefu okungenani amasonto amane ngemuva kokuhlinzwa okuphuthumayo ngoMsombuluko.

UJake uhambe nama-Bulls e-Newport, e-Wales ngesonto eledlule, kodwa waphoqeleka ukuthi ayobuka ama-Bulls edlala nama-Dragons egunjini lakhe lasehhotela ngoba kubikwe ukuthi uphethwe umkhuhlane.

Nokho ngokombiko wama-Bulls uphatheke kabi esiswini kwase kwadingeka ukuthi ayohlinzwa.

Ngemuva kokuvakashela uWhite ngoMsombuluko, isikhulu esiphezulu sama-Bulls u-Edgar Rathbone uthe ukuhlinzwa kwakhe kube impumelelo wathi uJake uzobuyela eqenjini ekuqaleni kukaNhlolanja.

“Sinethemba elikhulu lokuthi uJake uthola usizo lwezempilo olungcono kakhulu futhi ithimba lethu lochwepheshe bezokwelapha lizomnikeza lonke usizo oludingekayo ukuze alulame ngokugcwele,” kusho uRathbone.

Lo mqeqeshi uzophuthelwa umdlalo wama-Bulls ne-Exeter Chiefs emdlalweni we-Champions Cup ngoMgqibelo ebusuku ePitoli kanjalo nemidlalo yasekuhambeni ne-Lyon ne-Scarlets emidlalweni yabo esele yangoMasingana.

Nakuba uJake kuthiwa uyalulama ngokuphelele ngemuva kokuhlinzwa kwesisu amahora amabili, ukungasho kwabo ukuthi yini engalungile ngaye kuphakamisa izinsolo eziningi.

Phakathi kwezinto eziningi uJake azizuzile njengomqeqeshi webhola lombhoxo, uqeqeshe amaBhokobhoko anqoba iNdebe yoMhlaba ngo-2007.

Luhlanganiswe nguLucky Maree

Isithombe esingenhla: UJake White obeziqinisa emakhazeni ashubisa umnkantsha e-Newport, e-Wales ngempelasonto

Izihloko zakamuva