Uyakuthokosela ukuncelisa isoka lakhe ubisi lwebele

Owesifazane waseBrithani uzolingisa kwi-documentary iveza ukuthi waqala kanjani ukuncelisa isoka lakhe ubisi lwebele.

ULana Michaels uthi ubekhumbula ukuncelisa ngemuva kokuthola izingane zakhe ezimbili, futhi lokho kugqugquzela isimo esihle endimeni yethu yezocansi.

Indaba yakhe ibigcwele kumaphephandaba aseMelika. Ngokusho kwephephandaba elibizwa ngokuthi i-Mirror, uLana uhlangane nesoka lakhe uShawn kwi-Vegan dating app. 

Yena noShawn bazovela kwi-documentary ku-Channel 4  ohlelweni lwaseMelika olibizwa nge-“Breastfeeding my Boyfriend”.

Utshele iphephandaba laseMelika elibizwa ngokuthi i-Sun ukuthi: “Ngancelisa izingane zami ubisi lwebele futhi ngiyawukhumbula kakhulu  umuzwa wokuncelisa.”

Lezi zithandani kubikwa ukuthi zathuthela e-Spain ngaphambi nje kokuba kuqubuke i-Covid-19, baqhubeka nobudlelwano babo ngaleso sikhathi. 

Bathi umqondo wokuncelisa umuntu omdala ubisi lwebele waqhamuka ngemuva kokuthi bazibandakanye ngokocansi nezinye izithandani benza into okuthiwa i-foursome. 

“Ngangimunca omunye umuntu wesifazane ngesikhathi  ngiqala ukuzwa ubisi emlonyeni wami. Lokho kwashintsha  umqondo wezocansi ngobisi lwebele kwavele kwahambisana kanti ukuncelisa isoka lakhe kwasuka lapho,” kusho uLana etshela i-Sun.

Uvuselele kabusha ubisi lwakhe lwebele ngezithako zemithi.

Akucaci ukuthi ngabe isifiso sikaShawn sobisi olwengeziwe sihlobene yini nokudla kwe-vegan.

Izihloko zakamuva