Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
- UYakhe Kwinana usolwa ngokuqola kodwa uthi ubezama ukuthola irenti kubantu abahlala endaweni yakhe ngokungemthetho.
- Izakhamuzi zithi zathembisa ukukhokha ngemuva kwesinqumo senkantolo, kodwa ezinye azikholelwa ukuthi ziyamkweleta.
Owayeyilungu lebhodi leSouth African Airways uYakhe Kwinana usaboshiwe ngemuva kokuba iNkantolo yeMantshi yase-East London ilihlehlisele uLwesithathu, mhlaka-26 kuNdasa.
Uvele okokuqala eNkantolo yeMantshi yase-Randburg eGoli ngoLwesithathu olwedlule ngaphambi kokuba icala lakhe lidluliselwe e-East London.
UKwinana uboshwe ngesonto eledlule ngase-Midrand. Amaphoyisa athi ubesebenzisa amadoda ahlomile ukumsiza ukuqola abantu imali aphinde abheke nokucekelwa phansi kwezakhiwo zabo.
Kodwa umphathi wamatekisi e-Eastern Cape ophinde abe ngumnikazi wenkampani yonogada uSimphiwe Gabs Mtshala uthi kunolunye uhlangothi odabeni.
Uthi abantu uKwinana asolwa ngokubakhomba bangabantu abahlala ngokungemthetho emapulazini akhe.
UMtshala uthi bakhohliswa ukuthi bathenge umhlaba kubantu ababengabanikazi, manje sebezakhele izindlu futhi benza imali ngalo mhlaba.
“Abanye bakhe amafulethi futhi bayawaqashisa. Abanye baqashisela abantu bokufika izindawo ukuze babeke amakhonteyina asetshenziswa njengeSpaza. Abanye baqashe imijondolo njengendawo yokuhlala yabantu bangaphandle kwase-East London abasanda kuthola imisebenzi eduze. Basebenzisa izinsiza zakhe ezifana namanzi nogesi okuxhunywe ngokungemthetho. Ukhokha ama-rates nemali yezinsiza,” kusho uMtshala.
Uthi uKwinana wazama ukubaxosha ngokusemthethweni kodwa ubexoshwa njalo uma ehambele kulendawo..
“Wathumela u-Sherriff (isikhonzi senkantolo) ukuba kuhanjiswe izincwadi zokuxoshwa izikhathi eziningi kodwa abahlali benqaba ukuphuma endaweni yakhe. Wayengakwazi ukubeka unyawo epulazini lakhe njengoba wayevame ukusongelwa, ejahwa ngocelemba nezibhamu epulazini lakhe ngabantu ababehlala ngokungemthetho. Wabe esesayina inkontileka wacela inkampani yami yonogada ukuba imphelezele futhi imvikele ukuze abone isimo epulazini lakhe,” esho.
UMtshala uthi ngemuva kwesinqumo senkantolo esivune uKwinana, ezinye izakhamuzi zacela ukukhokha irenti esikhundleni sokuhamba.
“Kwafika abahleli ngokungemthetho bacela ukukhokha irenti ngesikhathi besaxoxisana noHulumeni ukuthi abathengele indawo. Isuka lapho-ke le ndaba yokuqolwa kwabantu. Manje, ngidinga abantu bangicacisele kahle mayelana nomehluko phakathi kwerenti nokuqolwa. Ngabe ukuqashisa indawo yakho kunokuthi ubaxoshe kubizwa ngokuqola?”
Omunye wabahlali, uMnuz Monwabisi Mahoti, ukuqinisekisile ukuthi bamtshela uKwinana ngemuva kokuthi behluleke ukukhokha imali eyalelwe yinkantolo.
“Asikwazanga ukukhokha u-R70 000 owawuyalelwe yinkantolo savuma ukuya kuye sacela ukukhokha irenti. Welula isandla wavuma, waze wasisiza safaka isicelo sokuthi uhulumeni asithengele indawo kodwa-ke kukhona abangakholwa ukuthi siyamkweleta yingakho silapha,” kusho uMahoti.
Esinye isakhamuzi esiyingxenye yethimba elivulele uKwinana icala sithe bebengakavumi ukukhokha irenti.
“Kuthe sisaxoxisana nomasipala mayelana nokuthenga indawo wafika wasitshela ukuthi kumele sikhokhe irenti asihambisani nalokho,” usho kanje.
Okhulumela uMasipala wase-Buffalo City, uSamkelo Ngwenya, ukuqinisekisile ukuthi umasipala usuzimisele ngokuwuthenga lo mhlaba kuKwinana.
Osesithombeni esingenhla: UYakhe Kwinana evele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yase-East London ngoMsombuluko.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe