Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Usizi lwehlele umndeni wakwaPotse esigcemeni saseVusimuzi eTembisa ngesikhathi intombazanyane yabo encane uMabule (8) ibulawa itekisi ebigibele abafundi beya esikoleni.
Kungakapholi maseko kwenzeke lesi sigameko, kube sekufika umuntu emndenini phakathi nezinsuku ezintathu nje kushone uMabule ezobakhohlisa.
Kufike isigebengu esizenze umsebenzi wesikole ingane ebifunda kuso, wafika kulo muzi waqola umndeni u-R150 kanye nomakhalekhukhwini womunye wodadewabo bakaMabule.
Manje amaphoyisa aphansi phezulu athungatha lowo ozichaze njengo mphathi woMnyango ofike emndenini obukhungathekile wabona ithuba lokubakhohlisa.
Lo mfundi obenza u-Grade 2 esikoleni samabanga aphansi e-Gahlanso ubephuma esikoleni ngoLwesihlanu ngesikhathi ezama ukuwela umgwaqo washayiswa itekisi washona. Ushonele endaweni yesigameko.
Udadewabo kaMabule uLebo Potse (28) uthe ngoMsombuluko bathole isivakashi abebengasilindele. “Kufike owesifazane ogqoke kahle ehloniphekile. Ubezilungise kahle izinwele nezinzipho futhi ebukeka eyingcweti.
“Uhlale nathi ekamelweni lokuzila kumatilasi futhi ekhombisa ukuzwelana nathi.”
Umndeni umamukele kahle futhi awukwazanga ukubona izinhloso zakhe zangempela.
“Usitshele ukuthi ungumphathi woMnyango esikoleni lapho udadewethu omncane abefunda khona futhi uthunywe ukuthi asisize ngakho konke esikudingayo emngcwabeni,” kusho uLebo.
ULebo wengeze wathi: “Asikwazanga ukukunqaba lokho. Samcela ukuthi asithengele igilosa nokudla.”
Lona wesifazane ucele imoto yokuhamba nabo ezitolo okuyilapho umndeni ubuzothola khona izinto ozidingayo. Kodwa-ke, ubengenayo imali kaphethiloli ne-airtime kumakhalekhukhwini wakhe ukuze ashayele umuntu obesesikoleni amsendele imali.
“Siboleke u-R150 kumakhelwane wethu. Ebangeni eliqhele ngekhilomitha ukusuka ekhaya ehamba ngeveni likamakhelwane wethu, umsolwa ucele umakhalekhukhwini komunye wamalungu omndeni ukuze ashayele uzakwabo esikoleni.
Iqale lapho ke inkathazo.
Ngesikhathi umakhelwane obehamba ngeveni ema egalaji likaphethiloli, lo wesifazane uthathe umakhalekhukhwini wenza sengathi ushayela uzakwabo ucingo. Wabe esenyamalala wangabonwa nangokhalo. “Sizamile ukumfonela kumakhalekhukhwini kadadewethu abewubolekile, kodwa nawo ubusuvaliwe.”
ULebo uthe umndeni usashaqekile. Uthe ngesikhathi lezi zindaba zifika esikoleni abaphathi baziqhelelanisile nalesi sigameko.
Okhulumela amaphoyisa esiteshini saseTembisa South, uConstable Kate Selepe uthe amaphoyisa anxusa umphakathi ukuthi uwasize ngolwazi ukuze uthungathe umsolwa.
Esithombeni esingenhla: UMabule Potse oshayiswe washona itekisi ebihamba ngesivinini lihambisa izingane esikoleni ngoLwesihlanu.
Umthombo wesithombe: Everson Luhanga