Uyagxekwa umbono womnikazi we-Chelsea

Razeen Gutta

Umbono womnikazi omusha we-Chelsea waseMelika u-Todd Boehly wokudlala umdlalo nabadlali be-Premier League uthole ukugxekwa emhlabeni webhola lase-England.

UBoehly ophinde abe ngumnikazi weqembu le-baseball laseMelika i-LA Dodgers wenze isiphakamiso sokuthi abadlali abavela kuyo yonke iligi bahlangane ukuze badlale ezinhlangothini zezifunda, ngemali ebese isetshenziselwe ukusiza amaqembu amaNgisi ukuthi aqhubekele phambili ebholeni lomhlaba.

Lo mqondo uvamile eMelika. Kodwa-ke, uma kucatshangelwa izici ezifana nemikhawulo yesikhathi kanye nezimbangi kuphephile ukusho ukuthi akwehlanga kahle kubaphathi be-Premier League kanye nabadlali.

UBoehly engqungqutheleni yangoLwesibili uthe iligi yamaNgisi kufanele ifunde kwezemidlalo yaseMelika.”

“Ekugcineni, ngithemba ukuthi i-Premier League ithatha isifundo esincane emaqenjini ezemidlalo aseMelika futhi iqala ukucabanga ukuthi kungani singenzi umqhudelwano namaqembu amane aphansi.”

“Abantu bakhuluma ngokuthi kungani singenayo imali eningi ye-pyramid? I-MLB [i-Major League Baseball] yenze umdlalo wayo oshisa izikhotha kulo nyaka. Izuze u-$200 million [R3 billion] kusukela ngoMsombuluko nangoLwesibili. 

Ungakwenza lokho emdlalweni wezihlabani ezisenyakatho neningizimu ovela ku-Premier League ukuze uxhase kalula.”

Ngaphandle kokuqukethwe wumbono, iphimbo okwenziwa ngalo isiphakamiso selithole ukugxekwa umhlaziyi we-Sky Sports nowayengumdlali wasemuva wase-England uJamie Carragher okubize lokhu ngokuzikhukhumeza. 

“Uma ngibheka leyo nkulumo ngicabanga ukuthi iwukuzikhukhumeza ngendlela eyisimanga, ekhuluma ngophiko angalwazi.”

Phakathi kwabanye abaphathi umphathi we-Liverpool, uJurgen Klopp usheshe wawuchitha lo mbono ngesikhathi ebuzwa ngawo esithangamini nabezindaba.

“Akalindi isikhathi eside! Uma ethola usuku lwalokho angangishayela ucingo. 

Kwezemidlalo zaseMelika laba badlali banekhefu lezinyanga ezine. Ingabe ufuna ukuletha nama-Harlem Globetrotters?”

UKlopp uphawule ukuthi umdlalo wezinkanyezi osenyakatho  neningizimu uzosho ukuthi abadlali bezimbangi  bazohlangana ndawonye, njenge-Manchester United ne-Liverpool enyakatho noma i-Arsenal ne-Tottenham eningizimu.

“Anginaso isiqiniseko sokuthi abantu bafuna ukubona abadlali be-Man United, abadlali be-Liverpool, abadlali be-City, abadlali be-Everton bonke bendawonye. Akulona iqembu lesizwe. Ngabe ukushilo ngempela lokho?”

Umthombo wesithombe: @Bloomburg

Izihloko zakamuva