Uyadlondlobala uzime owayebizwa ngamagama 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Ukhule etshelwa amagama anjengokuthi mubi, umnyama kakhulu futhi mude kakhulu, kodwa lo zime ophinde abe ngumlingisi wamazwe ngamazwe uLethabo Sarah Khunou ekugcineni uyaziqhenya ngebala lakhe.

Manje useyingxenye yemikhiqizo emikhulu yamazwe ngamazwe njenge-Vogue ne-Bellagio, futhi usanda kulingisa njengo-Amenza osemncane efilimini eshisa izikhotha ethi-The Woman King, okulingisa kuyo umlingisi waseMelika owine imiklomelo eminingi uViola Davis.

Owesifazane oneminyaka engu-27 ubudala wase-Stinkwater, e-Hammanskraal, ukhule egconwa ngontanga yakhe ngesimo sakhe somzimba, waze wazama ukuzibulala izikhathi ezintathu phakathi neminyaka yakhe yesikole samabanga aphansi.

UKhunou uthe ubesesaba ukuya esikoleni ngenxa yengcindezi nokuhlukunyezwa.

“Ngangibizwa ngendlulamithi, ibala lami lalifaniswa nomgwaqo oyitiyela kanti umzimba wami wawufaniswa njengezingane zase-Ethiopia ezigulayo, ezingondlekile nezibuthaka.

“Wonke umuntu wayenokuthile angakusho ngami. Umama womngane wami wake wangeluleka ukuba ngihlanganise amafutha okupheka nezithambiso zomzimba ukuze ngibe nebala elikhanyayo futhi omunye wangitshela ukuthi ngihlale ngigqoke isigqoko sasehlobo ukuze ngivimbe ilanga ebusweni bami,” etshela i-Scrolla.Africa.

 Ukuphumelela kukaKhunou  kwenzeke ngesikhathi ethweswa isicoco sokuba i-Sunbabe ngo-2015, emqhudelwaneni wokuba uzime kanti lo mqhudelwano wawuphethwe iphephandaba lendawo eliphuma nsuku zonke.

Uthe ukukhuphuka kwakhe ekubeni isihlabani kuhlangabezane nokungamukelwa kanye nezincomo zokuzithuthukisa.

Ngesikhathi elingisa, watshelwa ukuthi mubi kakhulu, umnyama kakhulu noma unomzimba omncane, futhi wakhuthazwa ukuba aye ejimini. Waze watshelwa ukuthi agcobe isikhumba sakhe.

UKhunou wengeze ngokuthi unqume ukwamukela umzimba wakhe ngemuva kokubona abalingiswa base-Afrika abafana no-Alek Wek beziqhenya ngebala labo.

“Manje ngiveza isikhumba sami ngokuziqhenya futhi ngiza nokugqugquzela abantu abasebasha ukuba bamukele lokho abayikho. Akekho onelungelo lokusitshela ukuthi kufanele sizizwe kanjani ngezici zethu nebala lethu,” enezela.

Isithombe esingenhla: ULethabo Sarah Khunou

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva