Uyabuya owe-Hip hop obesegxile kuma-piano

Sizwe Sibiya

Ngemuva kokwethula ivesi elishisayo engomeni entsha kaFakaloice esihloko esithi “Ooh Aah’’, ehambisana nevesi likaRiky Rick ongasekho uCassper Nyovest umemezele ukuthi uzokhipha umculo omusha we-hip hop.

UNyovest owazethula njengomrepha kulo mkhakha ngonyaka odlule ukhombise ikhono ngokwenza izinto eziningi ngesikhathi ekhipha i-albhamu yama-piano enesihloko esithi-Sweet and Short 2.0. 

Ubesaqhubeka ne-albhamu yakhe yesine ethi, Sweet and Short nayo okwakungeyona eye-rap kodwa kuyi-kwaito.

Manje ulungiselela ukukhipha i-albhamu yakhe yesikhombisa engakabi nalo usuku ukuthi izophuma nini futhi engakabi naso isihloko. UNyovest onengoma esemthethweni ethi “Summer Love” noRaye ayikhiphe ezinyangeni eziyisikhombisa ezedlule uhlele ukukhipha ingoma yakhe ezayo enesihloko esithi “Put Your Hands Up”, ehambisana noMouse T.

“UCassper Nyovest uzokhipha ngomhlaka-19 kuNcwaba, kodwa sibuyela kwi-Hip hop” kusho uNyovest ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesithathu. 

Ngemuva kokushaya ivesi engomeni i-Ooh Aah ividiyo yayo yomculo eyakhishwa mhla zinhlanu i-Ambitious Entertainment nakanjani isizokwenza omkhulu umsindo nge-“Put Your Hands Up”.

Khonamanjalo amanye amabhizinisi kaNyovest, njengebhizinisi le-Billiato gin, amateku e-Root of Fame akhishwe ngokubambisana ne-Drip Footwear nemidlalo yesibhakela yosaziwayo abe impumelelo enkulu.

Umthombo wesithombe: Instagram

Izihloko zakamuva