Uxoshwe esikoleni ngenxa yesifo sokuwa

Doreen Mokgolo

Umfundi ofunda ibanga le-8 uxoshiwe e-Bokamoso Secondary School ngenxa yokuhlaselwa yisifo sokuwa ekilasini.

UMartha Maboa, ongumama kaJustice Maboa, uthe uthishanhloko umtshele ukuthi indodana yakhe, ehlanganise iminyaka eyi-18 ngo-Mfumfu iphazamisa futhi ihlukumeza abanye abafundi uma isidlikiza.

UMartha uthe, ngonyaka odlule uthishanhloko wameluleka ngokuthi akhiphe indodana yakhe okwesikhashana esikoleni ayifunele usizo.

“Angisizwisisanga isicelo sakhe ngoba indodana yami ibisivele ithola ukwelashwa. Wangiluleka ngokuthi ngizame ukumbhalisa ngonyaka olandelayo uma esengcono,” kusho uMartha.

“Ngizamile ukubonisana naye kodwa wathi abaqeqeshelwanga ukumamukela futhi akukho lutho angasenzela lona.”

UMartha uthi uphatheke kabi ngempatho evela esikoleni.

“Indodana yami ayicelanga ukuba nesifo sokuwa. Akulungile ukuthi ajeziselwe into angenamandla okuyilawula,” engeza.

Umama kaJustice uthe, wesabela ikusasa lendodana yakhe. Manje uhlanza amagceke ukudlulisa isikhathi ngenkathi ontanga yakhe besekilasini.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uSteve Mabona uthe, kuyishwa ukuthi uthishanhloko uthathe isinqumo sokumsusa esikoleni umfundi.

Uthe, osonhlalakahle bathola ithuba lokudingida lolu daba nomama womfundi. Ubuye wengeza ukuthi umzali wengane uyazivuma izithiyo zayo zokufunda, nokuthi bobabili umama nengane bavumile ukuthi kufanele aye esikoleni sokufundela amakhono.

UMabona uthe, abasebenzi base-Bokamoso Secondary School badinga ukufundiswa ukubhekana nezimo ezinjalo, futhi lokhu kuzokwenzeka ngaphambi kukaNdasa kowe-2021.

Izihloko zakamuva