Phillip van Niekerk eWashington DC
UDonald Trump ubencibilika kumabonakude ngesikhathi ememezela ukuthi, uwinile futhi ukhetho luyantshontshwa.
Umfundi wezindaba uAnderson Cooper uthe, ubebukeka njengofudu olunonile “luvutha amalangabi elangeni elishisayo”.
Abalandeli bakaTrump bebethandazela ukuthi uNkulunkulu azosiza uTrump anqobe.
Umlingani wakhe uSteve Bannon ubefuna kunqunywe ikhanda lochwepheshe wezempilo ophezulu waseMelika uDkt Tony Fauci.
Ukubalwa kwamavoti bekuqhubeka ezifundeni ezine eziseduze kanti uJoe Biden ubehamba phambili ngamavoti.
Abebebala amavoti bavele bazibhekisela amakhanda abo phansi njengoba izixuku zikaTrump bezibakhonkotha zithi “bayeke ukubala”.
Iningi labammeli bebefaka izicelo zamacala angaphumeleli ezweni lonke ukuphonsa inselelo imiphumela yokhetho.
Umsindo nokufutheka kuzoqhubeka amasonto.
Kodwa noma kunjalo, iMelika isivele ilungiselela ukunikezelwa kumengameli omusha.
Umbutho wamasosha usungule indawo yezindiza yokuvikela izwe lonke phezu komuzi kaJoe Biden e-Wilmington e-Delaware – into eyenzelwa umengameli kuphela.
Njengenjwayelo sekufakwe onogada abaningi emzini wakhe.
Abantu abaningi bebengenakungabaza ngemiphumela. Bajabule ngokudansa emigwaqeni yaseMelika.
Umbuzo okhona uthi, kuzokwenzekani ezinyangeni ezimbili nohhafu ezizayo ngaphambi kokuba uBiden abe ngumengameli wesizwe ngokusemthethweni wama-46.
I-White House izoqala nini ukushisa imibhalo?
Ngabe onagada bazomukhipha ngenkani yini umholi wezwe elikhululekile, bamkhahlele aze aphume ememeza, lapho okuhlala khona umengameli?
Ingabe bazomthola ecashe ngaphansi kombhede wakhe?
Kungekudala nje uma izwe selinikezelwe kumengameli omusha, kuzothatha isikhathi esingakanani ukuthi uTrump afakwe ozankosi aboshelwe ukukhwabanisa intela, inkohlakalo namanye amacala okungenzeka ukuthi usaqhubeka nawo?
Iyodwa into ecacile njengamanje: iminyaka emine ebeyiphupho elibi lesizwe selizophela.
Kunezigidi zabantu ezizolala kahle okokuqala eminyakeni emine.