Uweta wase-Japan uxoshiwe emsebenzini ngemuva kokwenza isiphuzo se-Bloody Mary cocktail.
Umnikazi wesitolo se-Japanese Café usole uweta ngokusebenzisa igazi lakhe uma enza ama-cocktails.
Le ndawo yokudlela yase-Mondaiji e-Sapporo, e-Hokkaido, ibhale ku-Twitter ukuthi ixoshe omunye woweta ngemuva kokuba aphuzise amakhasimende abo isiphuzo se-cocktail esixutshwe negazi lakhe.
“Isenzo esinjengalesi asamukelekile,” kusho umbhalo obhalwe ku-tweet umnikazi wesitolo mhla zimbili kuMbasa.
Umnikazi wesitolo uphinde waqinisekisa ukuthi isitolo sivalwe usuku lonke ukuze kushintshwe zonke iziphuzo okungenzeka ukuthi zixutshwe negazi.
Indawo yokudlela izikhangisa ku-Twitter njengendawo enamantombazane amnyama kanye nezingane ezibhekene nezinkinga.
Lesi sitolo saziwa kakhulu ngesiphuzo saso esibiza imali engango-R350, kubika i-Insider.
Umnikazi wesitolo ubhale ku-Twitter isitatimende exolisa ngalesi sigameko.
“Ngicela ningibekezelele. Ngizohlanza isitolo, ngishintshe izingilazi zokuphuza, ngilahle notshwala okungenzeka ukuthi bungcolile. Ngiyaphinda futhi ngiyaxolisa kakhulu ngokwenzekile,” kufundeka ku-tweet.
Lesi sigameko singashaya kakhulu kumnikazi wesitolo okungenzeka ukuthi ehlise intengo yeziphuzo zakhe ukuze abuyelwe amakhasimende akhe.
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Isithombe esingenhla: Isiphuzo esibizwa nge-Mary cocktail esixutshwe negazi