Uxoshiwe umfundi wase-Stellenbosch ocwasayo

Arthur Greene

Uxoshiwe umfundi waseNyuvesi yase-Stellenbosch omhlophe uTheuns du Toit owachamela izimpahla zomunye umfundi omnyama ngemuva kokutholakala enamacala okucwasa ngokwebala kanye namanye.

INyuvesi imemezele ngoLwesine ebusuku ukuthi ikomidi layo  lokuqondiswa kwezigwegwe lithole ukuthi ayikho enye indlela ngaphandle kokuxosha uMnu Du Toit eNyuvesi ngokushesha”.

NgoNhlaba uDu Toit wagqekeza egunjini lomfundi owenza unyaka wokuqala uBabalo Ndwayana wabe esethwetshulwa echamela etafuleni likaNdwayana okwakhona kulo i-Laptop kanye nezincwadi zokufunda. 

Phakathi kwamacala atholwe enawo kubalwa elokuhlukumeza ngokobuhlanga, ukucekela phansi impahla yomunye umfundi kanye nokungena ngaphandle kwemvume.

“NjengeNyuvesi babhekiwe ukuthi babe isibonelo esihle esithatha izinqumo eziphusile ezinobulungiswa njengoba kungamele babekezelele uhlobo oluthile lokucwasa nokuhlukumeza,” kusho iNyuvesi.

Ephawula ngomphumela iPhini likaShansela weNyuvesi yase-Stellenbosch uSolwazi Deresh Ramjugernath wengeze wathi “iNyuvesi ilibheka njengelibucayi kakhulu leli cala. 

UJustice Sisi Khampepe uzohola ikhomishana ezimele ephenya ngezinsolo zokucwasa e-SU.”

Lesi sigameko sidonse amehlo kuzwelonke ngemuva kokuvela kwaso ngoNhlaba nokwaqubula imibhikisho endaweni yonke ngezinsolo zokungaphenduli kwabaphathi beNyuvesi ngobandlululo oludlangile kulesi sikhungo.

UNdwayana obengekho esigcawini ngoLwesine. Waphuma eNkantolo ngoNhlaba ethi akagculisekile ngesigungu.

Izihloko zakamuva