Uxoshiwe kwi-ANC uNiehaus 

Lubhalwe nguLungani Zungu

Ugcine exoshiwe kwi-ANC uCarl Niehaus.

Lokhu kungemuva kokuthi uNiehaus obengundabuzekwayo etholwe enamacala ayisithupha okungaziphathi kahle afake leli qembu ehlazweni.

I-National Disciplinary Committee (NDC) ye-ANC ithe ukuxoshwa kwakhe kususelwa emazwini akhe ngesikhathi kunezinxushunxushu KwaZulu-Natal ezaphenduka udlame ngoNtulikazi nyakenye kulandela ukuboshwa kowayenguMengameli wezwe uJacob Zuma.

Okunye ukuphawula okwafaka uNiehaus enkingeni kufundeka kanje: “Isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo sibukela phansi ubulungiswa… umthetho usetshenziswa njengethuluzi lokulwa izimpi zezombusazwe kanye nezamaqembu.”

Lokhu kuphawula kwathathwa njengokuphambana noMthetho wesi-25 woMthethosisekelo we-ANC, kusho i-NDC.

Incwadi yangomhlaka-12 kuZibandlela esayinwe uSihlalo we-ANC NDC, uRalph Mgijima iqinisekise ngekusasa likaNiehaus.

“Yize i-ANC iyibekezelela imibono eyahlukene, kuyisibopho sawo wonke amalungu ukuthi alandele imigomo nezikhundla zenhlangano njengoba kushiwo iKomiti eliPhezulu likaZwelonke,” kufundeka incwadi.

“Alikho ilungu elakhululwa noma elivunyelwe ukuba ngaphezulu kweqembu.”

I-NDC ithe uNiehaus wehlulekile ukukhombisa ukuzisola ngokungaziphathi kahle kwakhe, wenza ikomiti lokuqondisa izigwegwe lathatha isinqumo “sokuthi akakwazi ukubuyiselwa eqenjini.”

UNiehaus ubambe umbhikisho eyedwa ngaphandle kwase-Nasrec, ngesikhathi kuqhubeka umhlangano weKomiti eliPhezulu likaZwelonke (NEC) ngeledlule ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi obungempelasonto, ecela uMengameli uCyril Ramaphosa ukuthi ehle esikhundleni.

UNiehaus ubize ikomiti lokuqondisa izigwegwe njengenkantolo yasehlathini, wathi uzwe ngokuxoshwa kwakhe ezinkundleni zokuxhumana.

“Lesi isinqumo esingasile salaba bantu abazibiza ngekomiti lokuqondisa izigwegwe. Kuwumsangano lokhu.”

Ubhale ekhasini lakhe laku-Twitter watshela abalandeli bakhe ukuthi uselidlulisile icala alibiza nge-farcical expression.”

Esithombeni esingenhla: UCarl Niehaus

Umthombo wesithombe: @niehaus_carl

Izihloko zakamuva