Lubhalwe nguLungani Zungu
Ithwasa lesangoma uNokuthokoza Sibisi uxoshwe emsebenzini ngoba nakhu efake iziphandla.
USibisi waseSiphingo eningizimu yeTheku usejoyine izigidi zabantu bakuleli abangasebenzi ngemuva kokuxoshwa emsebenzini e-Shoe Kings.
“Kubuhlungu lokhu ngoba angiphulanga mthetho noma inqubomgomo yenkampani. Kodwa ngixoshelwe ukwenza amasiko ami,” esho.
USibisi uhlabe izimbuzi ezine ngoMgqibelo ngokuhambisana nobizo lwakhe wase efaka iziphandla zembuzi ezihlakaleni.
NgoMsombuluko uye emsebenzini ejabule ngemuva kokuthi umcimbi wakhe uhambe kahle.
Uthe ngezithuba zasemini imenenja yakhe uRick Naidu, ifike kuye yamtshela ukuthi abanye abasebenzi bakhala ngephunga elibi elivela esiphandleni.
Umphathi umnikeze umyalo wokuthi akhumule iziphandla noma ahambe emsebenzini.
“Ube esengitshela ukuthi ngizikhumule noma ngiphume efemini. Ngiye ngamtshela ukuthi angeke ngikwazi ukuzikhumula. Ngamtshela nokuthi ngeke ngikwazi ukuhamba efemini.”
Okulandelayo kumangaze uSibisi.
“Uye wathi angihambe ngoba sengixoshiwe ngenxa yokudelela imigomo yenkampani. Ngiye ngazama ukuchaza udaba lwami kodwa wangangilalela,” esho.
Umama wezingane ezimbili ezineminyaka emine neyisikhombisa ubezoba noKhisimusi ongajabulisi ukube ubengayibekeli imali.
“Ngenhlanhla bengilokhu ngibekela izingane zami imali phakathi nonyaka. Yize uKhisimusi wami uzobe ungemuhle kodwa ngeke kube kubi kangako inqobo nje uma izingane zami zisabhekelwe njengazo zonke izingane.”
Ubesesebenze iminyaka emithathu kule nkampani kodwa bekusaseyitoho.
Abasebenzi abathathu uSibisi athumele i-Scrolla.Africa kubo abathandanga ukuphawula ngodaba lwakhe ngoba besaba ukuxoshwa emsebenzini.
Ethintwa ngemuva kokuzwa ukuthi ubekhuluma nentatheli uNaidu uvele wavala ucingo, kanti zonke ezinye izingcingo ezilandelile bezingena ku-voicemail.
I-Labour Guide – okuyinhlangano ebhekelele izindaba ezahlukene emsebenzini – ithi abaqashi kumele benze imithetho yabasebenzi emelene nokucwaswa kwabasebenzi ngokwenkolo namasiko phakathi kokunye. Kodwa-ke, le nhlangano ixwayisa ngokuthi isiko labasebenzi akufanele lilethwe emsebenzini.
Esithombeni esingenhla: UNokuthokoza Sibisi
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe