Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
UNontembiso Nokhilela waqala ukuqoqa izinto ezingasasebenzi aziyise lapho okuguqulwa khona izinto kabusha kusukela ngo-2017. Ubuye aqoqe namakhalibhothi alahliwe ukuze aguqulwe kabusha.
“Ngiphuma ekhaya ngehora lesihlanu ekuseni nsuku zonke ukuze ngibe ngowokuqala ukuthola amakhalibhothi, amabhodlela namathini alahliwe,” kusho umama wase-Lusikisiki oneminyaka engu-43 ubudala onezingane ezinhlanu oqoqa amakhalibhothi, amathini namabhodlela angenalutho ukuze aguqulwe kabusha.
Waqale waba namahloni ukuvundulula udoti ngoba abantu babemahlulela.
“Ngicishe ngayeka ngoba babengibiza ngamagama. Ngaphatheka kabi, kodwa ngazitshela ukuthi ngikwenzela umndeni wami lokhu. Akekho ozonginika ukudla mahhala,” etshela i-Scrolla.Africa.
UNokhilela usephenduke isilomo emphakathini wangakubo njengoba abantu abaningi bemgcinela amabhodlela namathini ukuze awayise lapho okuguqulwa khona kabusha.
Imali ayithola enkampanini egaya kabusha incike kumabhodlela, amathini, namakhalibhothi awaqoqile.
“Ngisebenza nsuku zonke, ngisho nangoKhisimusi kanye nosuku lukancibijana. Ukuhlala ekhaya ngeke kungibekele ukudla etafuleni.”
UNokhilela wenza cishe u-R700 ngesonto, okuyimali enele ukondla umndeni wakhe.
Umnikazi wendawo yokucwala izinwele uZilungile Mato ugcinela uNokhilela amathini akhe namakhalibhothi amadala.
“Ungikhumbuza umama, ngenza isiqiniseko sokuthi uma ngibona umuntu elahla izinto ezingaguqulwa ngimgcinele zona,” kusho uMato.
Isithombe esingenhla: UNontembiso Nokhilela ehamba edolobheni lase-Lusikisiki e-Eastern Cape.
Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze