Uxolisile umqeqeshi weBafana Bafana

Dylan Bettencourt

Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usexolisile ngamazwi akhe ashaqisayo ekhuluma ngezinga eliphansi lebhola lakuleli.

Lo mqeqeshi wase-Belgium uthe iBafana ayizange iphumelele ngenxa yokuthi izinga lamaligi akuleli aphansi waphinde wathi lokhu kuyisizathu sokuthi abadlali bakuleli bangathengwa phesheya.

Ukuphawula kwakhe kuhlukanise imibono ezweni lonke. Nakuba abalandeli abaningi bevumelana noBroos abanye babenomuzwa wokuthi kufanele akholelwe eqenjini lakhe.

Nokho uBroos usexolisile ngezinkulumo zakhe.

“Kufanele senze ibhola lakuleli libe ngcono silenze libe sezingeni eliphezulu ngokubona kwami nangokolwazi esenginalo ebholeni. Ngingowase-Europe izinto khona zihlukile kunalapha e-Afrika.

“Kodwa nami nginolwazi lwase-Afrika. 

Ngisebenze iminyaka emibili e-Cameroon kanti uma ngiqhathanisa leli lizwe ne-Cameroon amandla abanawo aphindwe kaningi kunalawa eBafana Bafana,” kusho uBroos etshela ubuholi be-Safa.

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-70 ubudala wengeze ngokuthi ukholelwa ukuthi iBafana ingase ibe ngelinye lamaqembu ahamba phambili ezwenikazi lonke eminyakeni embalwa ezayo.

UBroos naye uvumile ukuthi akakhulumanga kahle noma bekungeyona inhloso yakhe lokho.

“Ngifuna ukuxolisa uma isimemezelo sami esithangamini sabezindaba ngoLwesibili olwedlule sikhombise ukudelela. Lokho bekungeyona inhloso yami. Ngifike lapha ngonyaka odlule futhi into engiyifunayo ukuthi ibhola lakuleli libe ngcono kakhulu,” kusho lo mqeqeshi.

Umphathi osanda kuqokwa umemezele ukuthi uzohamba neBafana Bafana ayisekele kuze kube umqhudelwano we-Africa Cup of Nations (i-Afcon) ozoba ngonyaka ka-2023 e-Ivory Coast.

“Ngizokwenza konke okusemandleni ukusiza iqembu lingene kwi-Afcon ngoMandulo ngonyaka ozayo. 

Ngizokwenza konke ukuze ngibe yingxenye yeNdebe yoMhlaba ka-2026. Ngiyawazi amandla aleli lizwe futhi singenza izinto zenzeke,” kusho uBroos.

Umthombo wesithombe: @iDiskiTimes

Izihloko zakamuva