Uxolisile umculi waphesheya kowesifazane okuputshuke ividiyo yabo yocansi

Sizwe Sibiya

Umrepha waphesheya, uNelly, uxolisile emndenini  wowesifazane ongaziwa obonakale kwividiyo eputshukile emncela ubuntu bakhe.

Ividiyo ifakwe ngephutha” ku-Instagram yalo mrepha odumile.

“Ngiyaxolisa kakhulu kowesifazane nasemndenini wakhe, bengingazimisele ukumhlambalaza kanje,” kubhala uNelly.

“Lena bekuyividiyo yakudala ebiyimfihlo,” kusho uNelly etshela abe-TMZ ngoLwesibili, ngemuva kwamahora isusiwe le vidiyo ezinkundleni zokuxhumana.

Umrepha oneminyaka engu-47 ubudala, ogama lakhe langempela ngu-Cornell Haynes Jr, uphinde wengeza ngokuthi ithimba lakhe lisola ukuthi i-akhawunti yakhe kukhona ongene kuyo futhi bayesaba uma lokhu kungaba iqiniso ngoba, amafayela ayimfihlo kaNelly angase aputshuzwe maduze nje.

Udaba lukaNelly locansi lulandela uhlu olude lwabanye osaziwayo aseke bavela ezinkundleni zokuxhumana benza ucansi.

Umculi wase-Nigeria u-Oxlade naye uthole igama lakhe lisematheni ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokusabalala kwevidiyo yalo mculi enza ucansi ngoLwesithathu.

Lo mculi oneminyaka engu-24 ubudala owawina izindondo, ogama lakhe langempela ngu-Ikuforiji Abdulrahman, akakasho lutho ngale vidiyo eputshukile.

Kwezinye izindaba, i-Disney izokhipha uPam & Tommy ngoLwesithathu, uchungechunge lwe-Notorious sex tape yesihlabani sase-Hollywood uPamela Anderson nomculi uTommy Lee.

Scrolla World Cup Quiz