Everson Luhanga
UDon Vuyisie Dlwathi ume enkantolo wacelela indodana yakhe uxolo kulowo ohlukumeziwe.
“Egameni lendodana yami ngiyaxolisa kulowo amuhlukumezile wamdlwengula,” kusho uDlwathi.
Indodana yami angiyikhulisanga ukuthi ibe yisilwane. Ngisamangele namanje ukuthi yena nomngani wakhe ogwetshiwe badlwengule umuntu wesifazane.
Indodana kaDlwathi yagwazwa yashona ibulawa nguRodney Mathatha Setata ngemuva kokuba bedlwengule intombazane.
UMathatha ugwetshwe iminyaka engu-90 esejele inkantolo yaseTembisa Regional, ugwetshelwe wonke amacala asewenzile nalawa awenze eTembisa.
Umseshi okwakunguye ophenya loludaba uKgomotso Mabote uthe uMathatha wayenenhliziyo embi kulaba ayebahlukumeza futhi uzothola isigwebo esizomuhlalisa ejele isikhathi eside.
Waboshwa ngo-2015 ngenkathi yena nomngani wakhe bedlwengulile. Ngenkathi umngani wakhe efuna ukudlwengula isisulu futhi uMathatha wathukuthela.
“Bobabili baxabana wase uMathatha egwaza umngani wakhe,” kusho uMabote.
Ngemuva kokuboshwa waphuma ngebheyili waphinde waboshwa futhi ngokudlwengula omunye phambi kwentombi yakhe ekhulelwe.
UMabote uthe uMathatha wagcina lona ayemuhlukumeza ubusuku bonke emkhukhwini wakhe.
“Waze wamudedela ekuseni,” kusho uMabote.
UMathatha baphinde bamunika ibheyili.
“Ngizwe ngathi inkantolo ingenzela phansi uma inika umsolwa ibheyili,” kusho uMabote.
“Ukube bamugcina ejele ngenkathi kusathiwa udlwengulile okokuqala ngabe abanye abantu ababuzwanga lobuhlungu bokudlwengulwa.”
Kwingxoxo utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi ubone kumele kube nguyena oxolisayo kuloyo ohlukumezekile.
Udlwathi uthe ubelindele ukuthi uMathatha agwetshwe iminyaka engu-150.
Leminyaka engu-90 ayinikeziwe ayanele, ubulele indodana yami waphinde wahlukumeza abantu abaningi.