Sizwe Sibiya
Okuqale njengento engayindawo, yokuphrinta izikibha ezine ngempelasonto eThekwini nabanye abangani, sekufake uXolani Cele ebhizinisini eliwine izindondo.
Ungumnikazi wohlobo lomkhiqizo wezimpahla i-Durban Weekend nomcimbi waminyaka yonke, i-Durban Weekend Experience.
“Umvalelo uvimbe izinhlelo zami eziningi, kodwa inhloso ukukhulisa umkhiqizo nomcimbi. Ngifisa ukuthi wonke umuntu azi ukuthi kunjani ukuyozijabulisa eThekwini ngezimpelasonto, hhayi kuphela ngokuya emakilabhini, kodwa futhi ngokuba khona kwemisebenzi efana nemidlalo yomdabu neminye imidlalo edlalwa emcimbini waminyaka yonke,” kusho uXolani etshela i-Scrolla.Africa.
Oneminyaka engama-28 uqale i-Durban Weekend ngowezi-2011 nabanye abangani bakhe abathathu, bebonke umuntu ngamunye unezikibha ezine zokuqala.
“Sibe sesithatha izithombe zethu sigqoke lezi zikibha sazifaka ku-Facebook abantu babuza ukuthi sizithengephi. Babefuna ukuthenga kithi. Sibe sesiqala ukuthatha ama-oda kwaqaleka i-Durban Weekend,” kusho uXolani.
Ngemuva kweminyaka emihlanu, uXolani wayeka ukusebenza yedwa wabhalisa ibhizinisi ngowezi-2016.
“Ngawo lowo nyaka, ngabhalisela ukufunda unyaka wami wokuqala e-Durban University of Technology ngenza izifundo ze-Diploma in Clothing Management”.
Yize engawuqedanga unyaka wakhe wokugcina, uXolani wenze ihlaya ngokuthi esikhundleni sokugqoka ingubo yeziqu, uthole indondo ye-Best Youth Business e-Durban Business Fair ngowezi-2018. Indodo ibihamba nesamba semali eyizi-R10,000 kanye nezifundo zokuziqeqeshela ibhizinisi.
“Ngaphambi kokuwina lo mklomelo, bengithengisa izikibha namakepisi e-Durban Weekend kumakhasimende ase-New York. Kodwa ngemuva kokuthola lo mklomelo nokuqeqeshwa ngavelela kwabanye abantu abanamabhizinisi,” echaza.
Ngenxa yalolu hlobo lokubonakala uthe imikhiqizo yakhe – manje efaka izinkomishi “zemilingo”, ama-hoodies, izinkomishi zepulasitiki nama-bucket hats – zithengiswa esitolo sezikhumbuzo i-Durban Tourism Centre.
UXolani owazalelwa enyakatho nedolobha laseThekwini i-Newlands East, uthe inhloso yakhe enkulu ukuyisa umcimbi we-Durban Weekend Experience kwizinga lomhlaba.