Uxamu ugeje umgodi kubaphangi

Celani Sikhakhane

Aluzange liphumelele itulo lokuphanga izinxanxathela zezitolo ezimbili kwaZulu-Natali. 

Izinxanxathela zezitolo ezimbili zasemakhaya zivinjezelwe ngamaphoyisa ngoMsombuluko ngemuva kokuthi zombili zibhekane nenkinga yezigebengu ebezihlomile ezigamekweni ezahlukene ekuseni.

Lezi zigameko ezishaqisayo zenzeke kwinxanxathela yezitolo i-Sundumbili Mall eseMandeni ngaseShowe naseNsuze Shopping Centre ngakwaMaphumulo.

Akubikwanga lutho ngalesi sigameko esenzeke e-Sundumbili Mall, kodwa amaphoyisa agasele kwinxanxathela yezitolo eNsuze, kwaba khona ukudubulana okuphethe ngokushona komsolwa oyedwa.

Kwinxanxathela yezitolo i-Sundumbili Mall abasebenzi bafakwe efrijini elibandayo ngemuva kokuthi izigebengu zigasele esitolo isibizwa ngo-Boxer Super Market ngehora lesishiyagalolunye ekuseni, sekusele imizuzu embalwa ukuthi kuvulwe isitolo.

Bayishumi abasebenzi ababoshwe ngaphakathi esitolo kanti abanye abayisikhombisa bebevalelwe ngaphakathi efrijini abebengena kulo.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier uJay Naicker ubike ukuthi, abaesilisa ababalelwa kwabayisithupha abebehlomile babambe abasebenzi base-Boxer Cash and Carry, kodwa akukacaci ukuthi kukhona abakuntshontshile yini kulesi sigameko.

“Amaphoyisa kanye nophiko lwe-K9 okuhlanganisa nonogada abazimele bazungezae u-Boxer Cash no and Carry ngesikhathi kuthunjwa abasebenzi,” kusho uNaicker.

“Kodwa laba besilisa abakade behlomile bakwazile ukubaleka,” kuchaza uNaicker. 

UNaicker uthe abasebenzi bakwazile ukuzikhulula ngemuva kokufika kwamaphoyisa endaweni yesigameko.

Abanye abasebenzi bebecashe kuleli bhilidi ngoba bebelinde ukuthi amaphoyisa abathole bephephile futhi bengenamyocu.

Kwinxanxathela yezitolo eNsuze, eqhele ngamahora amathathu nje ukusuka e-Sundumbili, ithimba lezigelekeqe ebelihlome ngezibhamu ligcine libhuntshile ngemuva kokuthi amaphoyisa alunywe indlebe ngalesi sigameko ngayizolo.

Lokhu kuholele ekutheni abasolwa namaphoyisa badubulane kwashona umsolwa oyedwa. Lo wesilisa obehlomile, kukholakala ukuthi uneminyaka engu-30 ubudala.

Amaphoyisa aphinde abopha umsolwa oneminyaka engu-58 otholwe nevolovolo elinezinhlamvu.

“Kuvulwe amacala okuzama ukubamba inkunzi, ukuzama ukubulala, elokutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekhoezingekho emthethweni,” kusho uNaicker.

Zombili lezi zinxanxathela zezitolo zasemakhaya zisinde kwizibhelu zangoNtulikazi ngonyaka odlule, lapho kwacekelwa phansi khona izinkulungwane zamabhizinisi e-KZN nase-Gauteng kulandela ukuboshwa kwalowo owayenguMengameli uJacob Zuma.

Kodwa eminyakeni yakamuva nje, izinxanxathela zezitolo eziningi zasemakhaya seziphenduke indawo eheha izigebengu ezihlomile, lokho kudalwa ukuthi zisemadolobheni amancane kanti namaphoyisa awamaningi khona.

Scrolla World Cup Quiz