UXaba unguxamu kavinjelwa kwezepolitiki

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Ukhombise ukuba wuxamu akavinjelwa uMeya omusha waseThekwini uMnuz Cyril Vusumuzi Xaba njengoba ethathe isikhundla ake avinjelwa ukuthi asithathe ngo-2011 kuwo lo masipala.

Lokhu kulandela ukuthi aqokwe ngo-elethu emhlanganweni oyisipesheli womkhandlu wamakhansela aseThekwini obuhleli eDurban ICC ngoLwesithathu.

UXaba kwathi kufanele aqokelwe ukuzotakula iTheku ngo-2011 njelbonga libhekene nezinkinga zenkohlakalo nezadalulwa umbiko waba phenyi bakwaManase, abanye abaholi bamvimba ngoba kuthiwa babesaba ukuboshwa.

Ngaphandle kwalokho uXaba ungomunye wabaholi abaziwa ngokuba qotho kuKhongolose nomunye walabo ababeyizintandokazi kowayenguMengameli wezwe uDkt Nelson Mandela.

Ukubuya kukaKhongolose ekudingisweni kwaqondana nomcimbi wokwethweswa iziqu zemfundo kukaXaba eDurban Westville.

Ngalowo nyaka ka-1991 uKhongolose wawuzoba nengqungquthela yokukhetha ubuholi okwabe kungeyokuqala ukubanjelwa eNingizimu Afrika ngemuva kokuba inhlangano ivulwe umlomo.

Leyo ngqungquthela yabanjelwa eThekwini kanti yiyo kanye eyenza ukuthweswa kweziqu kukaXaba kuqondane nokuba omakadebona bakaKhongolose batholakale begcwele eThekwini .

UMandela wabe esehambela lowo mcimbi njengomunye wabazali bakaXaba.

UXaba usebe nezikhundla ezibalulekile kuHulumeni kwezombusazwe nasekubeni umsebenzi.

Uke waba uSotswebhu omkhulu kaKhongolose esiShayamthetho saKwaZulu-Natal. 

Ngesikhathi owayenguNdunankulu wesiFundazwe uDkt Zweli Mkhize eqoka ikhabhinethi yakhe, baningi abasala bemangele bebona uXaba esala ngaphandle ekubeni babebheke ukuthi uzokwenziwa uNgqongqoshe. 

Ngemuva kwalokho waqokelwa ekubeni isikhulu esiphezulu ehhovisi likaNdunankulu wesiFundazwe, wenziwa uMeluleki kaNdunankulu uMkhize kwezoMnotho.

Ubalwa nabanye ababengongqondongqondo ekwakhiweni kukasomqulu obizwa ngeNational Development Plan.

Ukewaqokwa ukuhola uhlaka lwePlanning Commision kuHulumeni waKwaZulu-Natal.

Ngesikhathi uMnuz Senzo Mchunu eqokelwa ukuba nguNdunankulu waseKZN, wamemezela uXaba njengoNgqongqoshe omusha wezoLimo nokuThuthukiswa kwezindawo zasemakhaya. 

Lesi sinqumo sashayelwa ihlombe ngenxa yokukhuthala nobuhlakani uXaba ayenconywa ngakho.

Abanye babethi kuphelile ukuphendula lo Mnyango umgqomo wokulahla abaholi abasuke sebehlulekile kuHulumeni. 

Ngo-2016 uXaba waxoshwa kulo mnyango engazelele.

“Ngathi ngiseMaqonqo nglindele ukwehla emotweni njengoba umphathi wohlelo ayesengethulile sengithi ngizongena, kwavela kwakhala umakhalekhukhwini kwathiwa sengixoshiwe angibuyise izimoto nabaqaphi ngokushesha. 

“Ngenhlanhla enye yezimoto kwakungeyami. Ngavele ngajika emnyango wetende ngabuyela kuyo ngayishaya yazula ngibheke ekhaya eWestville. Umphathi wohlelo wasale echaza ukuthi uNgqongqoshe usejike eMnyango,” kusho uXaba ngo-2016.

Lo mholi oneMasters Degree kwezomthetho, ngo-2019 waqokelwa ePhalanende eCape Town ukuba abe nguSihlalo wekomodi lezoMbutho wezokuVikela.

Izihloko zakamuva