Izivakashi ezizovakashela e-Bali e-Indonesia ngeke zibekwe engcupheni yomthetho omusha wezwe ovimbela ukuya ocansini ngaphandle komshado, kusho umbusi walesi siqhingi.
Izivakashi ezihlezi zivakashela e-Bali zizokujabulela ukwazi ukuthi umthetho omusha wobugebengu ngeke ubabeke engozini yokufakwa ozankosi.
Umbusi wase-Bali, uWayan Koster ukuchithile ukukhathazeka ngokuthi umthetho omusha ungase usabise izivakashi.
UKoster uphawule esitatimendeni sangeSonto ukuthi imithetho emisha ezoqala ukusebenza eminyakeni emithathu, ingasetshenziswa kuphela uma isikhalazo sibikwa umzali, umlingani noma ingane.
“Labo abavakashayo e-Bali ngeke badinge ukukhathazeka mayelana nokuqala ukusebenza komthetho wase-Indonesia,” esho.
Uhulumeni wase-Bali uthe bazoqinisekisa ukuthi akubhekwa isimo somshado uma ungena kunoma iyiphi indawo yokuhlala yezokuvakasha njengamahhotela, ama-spas, ama-villas kanye nokunye.
UKoster uphikile ukuthi bathole ukuhoxiswa kwezindiza namahhotela emva kokuvela kwalo mthetho.
Esikhundleni salokho wengeze ngokuthi ngokwemininingwane evela kuma-ejenti ezokuthutha izivakashi kanye nabanikazi bezindawo zokuhlala, isibalo sabantu abazovakashela e-Bali kusukela ngoZibandlela kulo nyaka kuya kuNdasa ngo-2023 sinyukile.
Iphini lesikhulu sebhodi lemboni yezokuvakasha e-Indonesia uMaulana Yusran, uthe ngesonto eledlule lo mthetho omusha “ngeke usebenze nhlobo” njengoba umnotho nezokuvakasha kuqala ukululama ngemuva kobhubhane.
Luhlanganiswe nguMashudu Mabila
Esithombeni esingenhla: Izivakashi e-Bali
Umthombo wesithombe: News.com.au