Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
UNgqongqoshe weNFP osolwa ngokuvimba uMkhonto weSizwe ukuba uketule uNdunankulu waKwaZulu-Natal, unksz Mbali Shinga uwuhlabe inhlali umyalelo weqembu lakhe wokuba esule kukhabhinethi kaHulumeni woBambiswano eKZN.
UNksz Shinga ubenikezwe usuku lwangoLwesine ukuba esule esikhundleni ukuze i-NFP iphume kulo Hulumeni bese iqala omusha neMKP ne-EFF.
Kwenzeka lokhu nje kuthe khona ngoLwesine ubuholi be-NFP bahlehlisa isigubhukana imhlangano wokuqondiswa izigwegwe uNksz Shinga ngecala lokuthi wagolozela iqembu ukuba livote neMKP ne-EFF ngesikhathi kwakunenkulumompikoswano yokuchitha uNdunankulu uThami Ntuli.
Lo mhlangano ubuzohlala ngoLwesine kodwa uNksz Shinga uhlale emnyango elindile ephelezelwa owayenguNobhala Jikelele weqembu uMnuz Teddy Thwala kodwa akangabizwa.
UThwala obezokweseka uNksz Shinga uthe asikaqondi ukuthi umhlangano uhlehliselweni kodwa izinto ezithinta ipolitiki.
“Ngaphandle kwalokho uNksz Shinga kulolu daba lokuba esule kuKhabhainethi, lokho kulele kuNdunankulu okunguye oqoka oNgqongqoshe. Uma engasagculisekile nguye uzomkhululq uNksz Shinga ekubeni uNgqongqoshe wakhe.
Khumbula ukuthi uNgqongqoshe akaqokwa iqembu kodwa lona liphakamisa igama bese kuba uNdunankulu ozikhethela azomqoka kukhabhinethi. Ngakho akazukwesula uNksz Shinga kukhabhinethi, ngoba wathatha isifungo sokusebenzela abantu baseKZN hhayi ngokweqembu kodwa ngokukaHulumeni,” kuchaza uThwala.
NgoMsombuluko i-NFP ithathe isinqumo sokuhoxa kuHulumeni woBumbano KwaZulu-Natal yaphinde yakhipha umyalelo wokuthi uNgqongqoshe wayo ukuba ahoxe kuKhabhinethi.
Lesi sinqumo sithathwe isigungu seNFP sikazwelonke ngoMsombuluko nokuyilapho bekubeke kwacaca ukuthi asisekho isidingo sokweseka lo Hulumeni .
Le ncwadi ibhalwe ihhovisi lebamba likaNobhala Jikelele weqembu ngesinqumo esithathwe ngoMsombuluko.
Lesi sinqumo sithathwe ngemuva kokuba kuthe ngomhlaka-15 kuZibandlela ka-2025 , uNksz Mbali Shinga wagoloza ukuvota noMkhonto weSizwe Party ngokomyalelo weqembu lakhe okuyiNFP eselidlelana neMKP.
“Njengeqembu sesithathe isinqumo sokuba sihoxe kuloHulumeni woBumbano ngakho njengoba besiyingxeye yawo kusho ukuthi noNksz Mbali Shinga kufanele asule kuKhabhinethi esangena kuyo ngoba sisanesivumelwano sokusebenzisana kodwa manje sicela kushaye umhlaka-8 kuMasingana esesulile ekubeni uNgqongqoshe,” kusho incwadi.
NgoLwesithathu uNksz Shinga ubizelwe ekomitini lokuqondisa izigwegwe nokuyilapho enikezwe khona uhla lwamacala abekwe wona iqembu.
Kwenzeka lokhu nje i-NFP yehlulekile emizameni yayo yokuhoxisa uNksz Shinga eSishayamthetho saseKZN ukuze aphume kufakwe uMnuz Irvin Barnes .
USomlomo weSishayamthetho uNksz Nontembeko Boyce uyichithile incwadi yokuhoxisa uNksz Shinga wathi, iqembu alinalo ilungelo lokugxambukela emsebenzini weSishayamthetho.
Umhlaziyi wezepolitiki uMnuz Wayne Sussman ecashunwa kwiDaily Maverick uthe kuzomele kukhumbuleke ukuthi iNFP yasungulwa ngomyalelo kaMnuz Jacob Zuma.
Uthe lokhu kwenza leli qembu lathatha omasipala abaningi be-IFP kodwa manje izingxabano ezingaphakathi zenza kubenzima ukuba abantu baphinde balithembe.
