I-albhamu kaWizkid umrepha odumile wase-Nigeria i-Made in Lagos inyukele esicongweni samashadi omculo womhlaba.
Le yi-albhamu yesine yesitudiyo evela kuWizkid (ogama lakhe langempela uAyodeji Ibrahim Balogun), obambezele ukukhishwa kwayo ngokubambisana nezishoshovu ezazibhikisha ngesihluku samaphoyisa e-Nigeria.
I-albhamu i-Made in Lagos (MIL) iyimbangi ye-albhamu yonyaka.
Kodwa ingoma ethandwa kakhulu kule-albhamu i-Ginger lapho uWizkid esebenzisana khona nomrepha wangakubo e-Nigeria uBurna Boy. Ividiyo yayo ibe yisasasa lomphakathi.
Abanye bathi le-albhamu i-Made in Lagos ihamba phambili ukwedlula wonke asake aba khona eminyakeni eyishumi.
Abalandeli bakaBurna Boy bayakuphikisa lokhu, noma bevuma ukuthi ukusebenzisana kuhle kakhulu.
Omunye umlandeli ubhale kuTwitter wathi: “UWizkid noBurna kanye nophrojusa bayenze kamnandi ingoma ethi-Ginger. Angikwazi ukuyeka ukulalela le ngoma. YAZE YAMNANDI !!! ”
Ividiyo: @wizkidyazo