Lubhalwe nguRorisang Modiba
- UWiseman Mpisane uthi usami kahle ngokwezezimali ngemuva kokuhlukanisa nosozigidi uMaMkhize.
- Inkantolo iyalele abashadikazi ukuthi bahlukaniselane umcebo wabo ngokulinganayo ngesikhathi abakwa-SARS bephenya uMaMkhize ngezindaba zentela.
Owayeyiphoyisa likaMasipala weTheku osephenduke usomabhizinisi uWiseman Sbu Mpisane uthi kusamhambela kahle ezimalini ngemuva kwesehlukaniso sakhe nowayengunkosikazi wakhe ongusozigidi uShauwn “MaMkhize” Mkhize.
“Angikaze ngibe nankinga kusukela ekuqaleni kwesehlukaniso, futhi namanje anginayo . Isixazululo sokugcina sesehlukaniso sasihambisana nomthethosisekelo nemithetho yezwe,” uMpisane etshela iSunday World.
Ngokubona kwakhe uMpusane uthi uMaMkhize nguye imbangela yokuthi umshado wabo ungaphumeleli.
“Kodwa-ke amaphepha ethu esehlukaniso akuveza kwacaca ukuthi umshado wethu ngeke usalungiseka, ngenxa yezizathu ezaziwa nguye njengoba kunguyena owaqhamuka nesehlukaniso,” usho kanje.
Laba bashadikazi bahlukana ngo-2018 kodwa baze baphothula isehlukaniso sabo ngesonto eledlule eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
“Kuyalelwe ukuthi izibopho zomshado ezikhona phakathi kommangali nommangalelwa ziqedwe futhi zaqedwa,” kunquma inkantolo.
Ijaji labayalela ukuthi bakhethe umuntu abamethembayo bobabili ukuze bahlukaniselane ingcebo yabo ngokulinganayo. Ngamunye kufanele azikhokhele izikweletu zakhe.
UMpisane ubesebenza njengephoyisa likaMasipala weTheku ngaphambi kokusiza ekuphatheni iZikhulise noMaMkhize. Le nkampani yenze izigidi ngezinkontileka zikahulumeni.
Khonamanjalo izikhulu zentela namaphoyisa basanda kugasela isithabathaba somuzi kaMaMkhize eThekwini. Abakwa-SARS bathe bafuna ubufakazi bokuvika ukukhokha intela kanye nobugebengu.
Abasesithombeni esingenhla: UWiseman Mpisane noMaMkhize
Umthombo Wesithombe : X
