
Dylan Bettencourt
Eminyakeni emithathu edlule, umsubathi oyi-snowboarder wase-Canada uMax Parrot wayinqoba impi yakhe yokulwa nomdlavuza. Namuhla, usewine indondo yegolide kuma-olimpiki asebusika akulonyaka ka-2022.
Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala kwatholakala ukuthi unomdlavuza ongajwayelekile owawusongela ukuqeda umsebenzi wakhe wokuba i-Snowboarder, kodwa walwa futhi wanqoba lesi sifo waphinde wabonisa ukuthi unakho okudingekayo ukuze abe ngumpetha osezingeni eliphezulu kakhulu kulomdlalo wakhe wokuncintisana.
Amaphuzu kaParrot angu-90.96 amtholele indondo yegolide waba ngaphezulu komsubathi wase-China oneminyaka engu-17 ubudala uSu Yiming kanye nozakwabo wase-Canada uMark McMorris, othole indondo yethusi.
“Kuzwakala kumangalisa,” kusho uParrot etshela i-BBC Sport.
“Kuningi okwenzekile kule minyaka embalwa edlule. Ngesikhathi sokugcina ngisemidlalweni yama-olimpiki, e-Pyeongchang, ngathola indondo yesiliva, ngemuva kwalokho kwadingeka ngibhekane nomdlavuza. Kwavele kwaba iphupho elibi. Kunzima ukuchaza engidlule kukho.”
UParrot kwatholakala ukuthi une-Hodgkin lymphoma ekupheleni konyaka ka-2018 kwathi ngemuva konyaka eqale i-Chemotherapy wathathwa njengomuntu ongesenawo umdlavuza, kodwa umdlavuza wakhahlameza kakhulu umzimba wakhe.
“Awunayo i-cardio, awunawo amandla, imisipha ayikho. Ukubuyela kuma-olimpiki, esiteji kanye nendondo yegolide kuzwakala kumangalisa,” kusho lo msubathi.
Ayikho indondo yegolide eqedwa ngaphandle kwengxabano encane futhi lokho kwenzeke ngesikhathi amajaji ehluleka ukuphawula ukuthi uParrot uhlulekile ukubamba ibhodi ngesikhathi egijima okuphazamisa amaphuzu akhe.
Kwesinye isikhathi kwezemidlalo labo abazidinga kakhulu asuke emancane amathuba okuthi bazithole izindondo.
Uhambo lukaParrot onomdlavuza lwathuthukiswa lwaba ifilimu lapho kubhalwe khona isikhathi sakhe sezinyanga eziyisishiyagalombili se-Chemotherapy. Ifilimu inesihloko esithi-Max Life As A Gold Medal kanti ikhishwe ngenyanga edlule.
Ingxenye yemali engenayo evela kwifilimu izonikelwa kwi-Leukemia & Lymphoma Society of Canada lapho uParrot eyisikhulumi khona.
Umthombo wesithombe: @USAToday