UWilliams usayine inkontileka neSundowns

Menzi Magubane

Njengoba ukaputeni weBafana Bafana uRonwen Williams esayine isivumelwano neMamelodi Sundowns, sekuqubuke imibuzo mayelana nesikhathi angase adlale ngaso.

Kulo mdlali (30), ukusayina kuleli qembu kuyimpumelelo – kodwa angakwazi yini ukudlala emdlalweni wokuqala ngesizini yakhe yokuqala?

KwiSuperSport United ubengukaputeni, ejwayele ukuqala emidlalweni, ehamba phambili futhi engenayo imbangi eqenjeni.

Kodwa izinto zingase zimshintshele njengoba esekwiSundowns ngemuva kokuhlala iminyaka engu-11 kwiSuperSport United.

UDennis Onyango kanye noKennedy Mweene basesekhona kwiSundowns futhi bangase bamnikeze inselelo – phela yibona ababambe iqhaza elikhulu empumelelweni yeSundowns eminyakeni edlule futhi bayizintandokazi zabaqeqeshi, ikakhulukazi u-Onyango.

Umuntu ongaba nethemba lokuthi izinto ngeke zimhambele kabi uWilliams ngendlela okwenzeka ngayo ngowayengumgadli weBafana uThulani Hlatshwayo ojoyine iBucs ngesikhathi engukaputeni weBidvest Wits kanye neqembu lesizwe.

Kodwa-ke izinto azihambanga kahle eqenjini lakhe njengoba alahlekelwa isikhundla sokuba ukaputeni weBafana esiphucwa uWilliams, wabekwa ebhentshini waphinde walahlekelwa yisikhala eqenjini lesizwe.

NjengoHlatshwayo, uWilliams ujoyine iSundowns esefomini enhle kanti kulindeleke lukhulu kuyena, kodwa u-Onyango kanye noMweene ngeke bazidedela kalula izikhundla zabo.

UWilliams ungumdlali wesine ukujoyina iSundowns esuka kwiSupersport United amasizini amathathu elandelana.

Kuqale kwaba noGrant Kekana ngesizini ka-2020/21 kwalandela uTebogo Mokoena maphakathi nesizini ka-2021/22.

USipho Mbule ungene kule sizini kanti manje uselandelwe uWilliams. Ukusayina kukanozinti kwenziwe ngezivumelwano zokushintshana ngamaqembu noRicardo Goss.

UGoss obengunozinti wesine kwiSundowns, kungenzeka athathe izintambo futhi abe ngohamba phambili kwiSuperSport United ngemuva kokusayina isivumelwano sokuhlala unomphela kuleli qembu.

Umthombo wesithombe: @Masandawana

Izihloko zakamuva