UWilliams uklonyeliswe njengoNozinti ovelele Wonyaka emiklomelweni ye-CAF

Lubhalwe nguRazeen Gutta

● URonwen Williams uqophe umlando wokuba ngowokuqala eNingizimu Afrika ukuwina indondo ye-CAF kanozinti ovelele
Wonyaka, ehlula u-Andre Onana noStanley Nwabali.
● UWilliams uphinde wawina i-CAF Inter-Club Player of the Year, ethi impumelelo yakhe izogqugquzela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babe namaphupho amakhulu.

Unozinti weBafana Bafana neMamelodi Sundowns uRonwen Williams uwine imiklomelo ye-Confederation of African Football (CAF) e-Marrakesh, e-Morocco ngoMsombuluko.

UWilliams, owahambela umcimbi we-Ballon d’Or ngoMfumfu, uqophe umlando njengoba ebe ngowokuqala waseNingizimu Afrika ukuwina umklomelo we-CAF kanozinti ovelele wonyaka.

“Lesi yisikhathi esihle kakhulu kimina. Ngibonga i-CAF ngokuhlonishwa, ngibonga kakhulu kunina,” kusho uWilliams.

Lo mdlali oneminyaka engu-32 ubudala uhlule u-Andre Onana we-Manchester United noStanley Nwabali we-Chippa United
wawina umklomelo wabuya nawo ekhaya.

“Ngifuna ukuthatha leli thuba ngibonge ozokwethu abangesekayo, umndeni wami ngokungisekela nakuwo wonke umuntu engsebenzisana naye. Ngibonga bonke abaqeqeshi engisebenze nabo kuwo wonke umsebenzi wami, “engeza.

“Bekungelula, kodwa ningiphushe ukuthi ngibe ngumdlali enginguye namuhla. Ngiyazi ukuthi ukuwina lo mklomelo kuzokhuthaza izigidi zabantu baseNingizimu Afrika ukuba bakholelwe kubo, futhi bangalokothi bakhohlwe amaphupho abo angafezeka.”

UWilliams uphinde wawina umklomelo woMdlali ovelele Wonyaka we-CAF Inter-Club, waba ngowesibili eNingizimu Afrika eminyakeni emibili ukuwina le ndondo ngemuva kukaPercy Tau owawina ngonyaka odlule.

Esithombeni esingenhla: URonwen Williams.
Umthombo: @supersportfc

Izihloko zakamuva