UWilliams uklonyeliswe njengomdlali ovelele we-PSL

Lubhalwe nguMichael Madyira

Unozinti weMamelodi Sundowns uRonwen Williams uqokwe njengomdlali ovelele kuPSL wesizini ka-2023/24 ngeSonto ebusuku.

Ube ngunozinti wesithathu ukubanga lo mklomelo esikhathini se-PSL. U-Andre Arendse uhlonishwe ngesizini ka-2001/02 no-Itumeleng Khune ngesizini ka-2012/13.

Njengomdlali webhola ohamba phambili, uWilliams ushaye uzakwabo uTeboho Mokoena, ophume isibili, ehambisana no-Iqraam Rayners weStellenbosch.

Sekuyisizini yesihlanu ilandelana umdlali weSundowns enqoba lo mklomelo ohamba phambili.

UWilliams uphinde waqokwa njengonozinti we-PSL wesizini ngemuva kokudlala imidlalo engu-15 engakorelwa igoli emidlalweni engu-22 yeligi.

Izihlabani zeSundowns ne-Orlando Pirates nazo kukhona ezikutholile. UPatrick Maswanganyi wamaBhakabhaka uqokwe njengomdlali ovelele kwi-PSL Players’ Player of the Season.

Kuyamangaza ukuthi uMaswanganyi, yize eqokwe njengomdlali ovelele izikhathi eziyisikhombisa phakathi nesizini, akabanga yi-Footballer of the Season.

Nokho uthole injabulo ngokuqokwa njengomdlali wasesiswini ovelele kanye neNedbank Cup Player of the Tournament.

Umklomelo weCoach of the Season unikwe umqeqeshi waMasandawana uRhulani Mokwena, kwathi uTshegofatso Mabasa wahlabana ngeGolden Boot ngemuva kokuhlohla amagoli angu-16.

Isihlabani sePirates, uThabiso Lebitso, ushaye igoli lesizini ngesikhathi bebhekene neKaizer Chiefs koweSoweto Derby.

Ithimba lamajaji lakuthola kulula ukukhetha Umdlali Omncane Wesizini, uRelebohile Mofokeng agqame kontanga yakhe.

Umdlali wasemuva kuMasandawana neBafana Bafana uGrant Kekana uphume phambili esigabeni se-Defender of the Season.

ICarling Knockout Player of the Tournament iye kumdlali wasesiswini weStellenbosch uDevin Titus.

Isithombe esingenhla: Unozinti weMamelodi Sundowns uRonwen Williams

Umthombo: Mamelodi Sundowns

Izihloko zakamuva