Sizwe Sibiya
Isihlabani somculi we-pop owine izindondo zaseMelika uwill.i.am usikhokhele isono sakhe sokutshontsha ingoma kaDJ Lag yangowezi-2016 yeGqom ethi ‘Iced Drop’ ngaphandle kokunikeza izimfanelo.
Umholi odumile weBlack Eyed Peas uwill.i.am ogama lakhe langampela nguWilliam Adams Jr, uxolisile kuDJ nakumdidiyeli womculo uMegan Ryte ngokusebenzisa isigqi engomeni yakhe ethi ‘Culture’. Kule ngoma kukhona uwill.i.am kanye noA$AP Ferg ngaphandle kokusho ukuthi umnikazi wayo nguDJ Lag.
“Ngiyaxolisa ku@MeganRyte ngalesi simo mayelana no@RealDJLag, imina owenze iphutha hhayi uMegan,” kusho uwill.i.am ku-akhawunti yakhe ye-Twitter.
Umdidiyeli womculo waseNingizimu Afrika uLag osebenze noBeyoncé waphinde waqokelwa i-Grammy ngonyaka owedlule – kubikwa ukuthi akazange ajatshuliswe ukuxolisa, ngemuva kokufaka ividiyo yakhe yomculo ethi ‘Iced Drop’ esigabeni sokuphawula ngesixhumanisi sevidiyo yomculo kaMegan Twitter.
UDJ Lag ogama lakhe langempela nguLwazi Gwala kubikwa ukuthi uthe lolu daba uselulungisile ‘’ngenani elingadalulwanga’’ nowill.i.am.
Umthombo wesithombe: @RealDJLag