UWhatsApp nohlelo olusha lokushintsha okuthunyelwe

U-WhatsApp wethule isici esisha sokuhlela esivumela abawusebenzisayo ukuthi bahlele imiyalezo ngemuva kokuyithumela.

Kokuthunyelwe okubhaliwe kwakamuva le nkundla yezokuxhumana imemezele ukukhishwa kwesici esisha sokuhlela esivumela ukuhlelwa kwemiyalezo phakathi nemizuzu engu-15 ngemuva kokuthi ithunyelwe.

Isici sizotholakala kubo bonke abasebenzisa u-WhatsApp emasontweni azayo.

Uma umlayezo usuhleliwe uzobonisa isaziso esithi “kuhleliwe,” nakuba umlando wokuhlela ngokwawo ungeke ubonakale okuvimbela abasebenzisa u-WhatsApp ukuthi babuke obekubhaliwe ekuqaleni ngaphambi kwezinguquko.

Ukuze wenze isici sisebenze abasebenzisa u-WhatsApp bengacindezela umlayezo isikhashana bese bekhetha “hlela” kwimenyu ephumayo evelayo.

Ngaphambilini uma osebenzisa u-WhatsApp efuna ukulungisa umlayezo othunyelwe ngokushesha noma oyiphutha bekufanele awususe athumele omusha futhi abamukeli bomyalezo bebebona ukuthi kukhona okususiwe ngesaziso esifundeka kanje, “lo mlayezo ususiwe.”

Abenkundla yezokuxhumana u-WhatsApp bathe “kusukela ekulungiseni ukungapeli kahle ngendlela elula kuya ekungezeni umongo womlayezo bajabule kakhulu ukukunikeza amandla okulawula okwengeziwe ezingxoxweni zakho. Odinga ukukwenza nje ukucindezela umyalezo othunyelwe isikhathi eside bese ukhetha ‘uHlela’ kwimenyu kungakapheli imizuzu engu-15 umyalezo uthunyelwe.”

UMark Zuckerberg ongumsunguli kanye noMphathi uveze ushintsho lwe-WhatsApp kuqala ekhasini lakhe le-Facebook ekhombisa umlayezo osushintshiwe!”

Ezinye izinkundla zokuxhumana ze-Meta, ezifana ne-Facebook kanye ne-Instagram zibe nezici zokuhlela okuthunyelwe nokuphawula cishe eminyakeni eyishumi edlule. Kodwa-ke, i-Instagram ivumela abasebenzisa le nkundla yezokuxhumana ukuthi bahlele kuphela okuthunyelwe hhayi okuphawuliwe.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: WhatsApp

Izihloko zakamuva