UWayde uzogxila ebangeni elifushane kuma-Olympics

Naphezu kokuba ephethe irekhodi lomhlaba lomjaho ka-400m, uWayde van Niekerk unqume ukugijima u-A200m kuphela kuma-Olympics azayo e-Paris.

Lesi sinqumo siza ngemuva kokuthi uVan Niekerk ephumelele ukugijima ibanga lika-400m ngesikhathi esiyimizuzwana engu-44.08, okuyindawo yesihlanu esheshayo kuyo yonke imidlalo yokuhlungela amazwe omhlaba.

UVan Niekerk, odonsa kanzima ngenxa yokulimala selokhu alulama enkingeni yedolo, usenqume ukungagijimi imijaho ka-400m ukuze agweme okunye ukulimala.

Uphuthelwe umdlalo wamanqamu we-4x400m kumaWorld Relays e-Bahamas ngoNhlaba.

Yize uVan Niekerk aziwa ngempumelelo yakhe ye-400m, okuhlanganisa nezicoco zomhlaba ezimbili kanye nendondo yegolide yama-Olympic ubuye abe ngumsubathi onamandla ka-200m.

Phambilini uke waphatha irekhodi lesizwe laseNingizimu Afrika lika-200m ngemizuzwana engu-19.84 futhi wawina nendondo yesiliva ku-200m kuma-World Championships e-London ngo-2017.

INingizimu Afrika inabasubathi abahlanu asebephumelele umjaho ka-200m, kodwa zintathu kuphela izindawo ezikhona. Lokhu kusho ukuthi abanye abasubathi kuzomele babekwe eceleni ukuze uVan Niekerk azitholele indawo.

UShaun Maswanganyi kanye noBenjamin Richardson, bobabili baphumelele ku-100m kanye no-200m futhi bangase bagxile ekugijimeni imijaho emifishane, okuzovulela uVan Niekerk indawo.

Angase akhethwe ngaphambi kukaLuxolo Adams noSinesipho Dambile.

Uma uVan Niekerk engenela umjaho ka-400m, kufanele agijime i-4x400m relay, ngokwemithetho ye-World Athletics. Nokho ukuqhudelana ku-200m kumenza akwazi ukukhetha phakathi kwe-4x100m kanye ne-4x400m relay.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Osesithombeni esingenhla: UWayde van Niekerk.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva