Uwavumile amacala obedlwengula ephindelela

Doreen Mokgolo

UNkosinathi Phakathi osolwa ngokuba ngumdlwenguli uwavumile amacala angu-148 ahlanganisa nangu-93 okudlwengula.

Ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi yase-Palm Ridge ngoLwesithathu, uPhakathi uvumile ukuthi uke waphila iminyaka eyisishiyagalolunye yobushokobezi edlwengulwa, ethumba abesifazane nezingane.

NgoLwesithathu ekuseni umsolwa ungene enkantolo ehamba ngezinduku engafuni ukushutha.

Ngesikhathi kuqhubeka inqubo yenkantolo ngoLwesithathu ekuseni, ummeli kaPhakathi u-Advocate Letau Kgokane ufundele uPhakathi incwadi yakhe yokuvuma ukuthi unecala enkantolo wachaza kabanzi ngendlela awenza ngayo amacala.

Kusukela ngo-2012, kusolwa ukuthi ubehlukumeza intsha kanye nezingane esidlangalaleni nasemakhaya abo, kanti eyodwa yazo ibineminyaka eyisishiyagalolunye.

Ekuqaleni ubethweswe amacala angu-203 kodwa umbuso wasusa angu-55.

Izakhamuzi zase-Ekurhuleni ezithukuthele zinxusa inkantolo ukuthi ikhiphe isigwebo esinzima.

Esinye isakhamuzi esikhathazekile uNomathemba Msiza uthe uPhakathi kumele asuswe emphakathini impilo yakhe yonke.

“Sinxusa inkantolo ukuthi ikhiphe isigwebo esizomenza ahlale ejele impilo yakhe yonke futhi angawutholi ushwele,” esho.

UPhakathi waboshwa nyakenye ngoNdasa e-Barcelona, e-Daveyton.

Wazama ukubalekela ukuboshwa kodwa amaphoyisa avulela ngenhlamvu amdubula emlenzeni, kwadingeka ukuthi umlenze unqunywe.

UBrian Sithole we-One Strong Voice Foundation uthe izigwebo ezinzima kumele zinikezwe labo abatholakala benecala lokuhlukumeza izingane nabesifazane.

“Sicela ukuthi umbuso ukhiphe isigwebo esinzima kuPhakathi esizoxwayisa nabanye,” esho.

“Abesifazane nezingane abakwazi ukuqhubeka nokuphila impilo yokuzizwa bengaphephile ezindlini zabo kanye nasemgwaqeni ngoba kukhona abenzi bobubi abacathamayo abalinde ukubahlasela.”

Isigwebo kulindeleke siphume namhlanje.

Izihloko zakamuva