Sandiso Phaliso
Esikhundleni sokugibela itekisi, uVuyokazi Madliwa uthathe isinqumo sokuyohayikha imoto ukuya emsebenzini ngomhla ziyi-17 kuNhlaba – kanti akakaze abonwe kusukela lapho.
Amatekisi ase-East London athatha isikhathi eside ukugcwala ngoMsombuluko, ngakho-ke uVuyokazi wahayikha ukuya emsebenzi e-Komani, phambilini okwakuyi-Queenstown.
Akagcinanga ngokunyamalala, wonke ama-akhawunti akhe ezinkundla zokuxhumana asecishiwe, nocingo lwakhe luvaliwe.
Ngokusho komndeni wakhe okhathazekile, akafikanga ekhaya futhi akakaze abonwe eMnyangweni wezoBulungiswa, lapho asebenza khona njenge-switchboard operator.
Udadewabo omncane, uSesona Madliwa, uthe uVuyokazi ubesekhefini futhi uchithe isikhathi nomndeni wakhe e-East London ngaphambi kokuthi ahambe abuyele emsebenzini ngoMsombuluko.
Uphinde wathi akazi ukuthi udadewabo wayegqoke ini ngosuku aduka ngalo.
“Siqale ukukhathazeka ngoMsombuluko ebusuku ngesikhathi engashayi ucingo lokusitshela ukuthi ufike kahle. NgoLwesibili, sifonele umqashi wakhe satshelwa ukuthi akafikanga emsebenzini,” kusho uSesona.
Isithombe sakhe sisakazwe ezinkundleni zokuxhumana selokhu aduka, kepha kuze kube manje asikaze siveze miphumela.
Umndeni unxusa noma ngubani okungenzeka kube umbonile ukuthi aye emaphoyiseni.
Okhulumela amaphoyisa uHaz Mqala ukuqinisekisile ukuthi uphenyo lomuntu olahlekile lubikiwe emaphoyiseni.
Amaphoyisa acela noma ngubani onemininingwane ukuthi athinte uKaputeni uVan Der Wald kule nombolo -043-707-0600.