Uvutha ungabaselwe umphakathi ngezindlu ezakhiwe epaki 

Lubhalwe nguLungani Zungu

Zidinwe zigane unwabu izakhamuzi zakwa-G eMlazi njengoba kwakhiwa izindlu zomxhaso epaki. 

Kumanje sekuqhume uqhekeko njengoba kukhona abafuna kudilizwe izindlu kanti abanye bavikela labo asebengene kwizindlu zomxhaso zama-RDP.

Izakhamuzi ebezidiniwe okubalwa noMnuz Thulani Msomi zifake izikhalazo ekhanseleni lendawo uMnu Khumbulani Cele.

“Ngididekile ukuthi kungani bakhe izindlu zomxhaso endaweni yomphakathi. Izingane zethu zizodlala kuphi njengoba ipaki isigcwele izindlu zomxhaso? Lokhu akuwenzi umqondo kumina,” kusho uMsomi.

UMnu Khuzokwakhe Makhathini oyisakhamuzi uthe abahleli kulezi zindlu bavimbe izingane ukuthi zidlale kule ndawo.

“Izingane zethu azikwazi ukudlala njengoba abantu ezindlini kwesinye isikhathi bezixosha bezitshela ukuthi zibanga umsindo. Angazi ukuthi lolu daba luzolungiswa kanjani,” kusho uMakhathini.

I-Scrolla.Africa ithole ukuthi lezi zindlu zakhiwa inkampani yokwakha kasomabhizinisi uShauwn Mkhize weZikhulise Cleaning, Maintenance and Transport ngo-2015.

Evikela izindlu zomxhaso isakhamuzi sakule ndawo, uMnu Sibongile Ngcobo uthe: “Angazi ukuthi abantu kungani behlezi bekhuluma ngalezi zindlu ngoba miningi imihlangano ebibizwa lapho bekudingidwa khona lolu daba.

I-Scrolla.Africa ivakashele epaki yathola izingane ezimbalwa zidlala.

Isakhamuzi esingafunanga kudalulwe igama laso siphakamise ukuthi udaba luyiswe kuMasipala.

“Uma benenkinga ngalezi zindlu zomxhaso, kufanele baye kuMasipala noma ehhovisi lekhansela lewadi. Sekuyiminyaka eminingi silwa ngalokhu,” kusho isakhamuzi.

Ikhansela lewadi uMnu Khumbulani Cele uthe uyazi ukuthi kukhona abantu abangahambisani nalezi zindlu.

“Ngizoluphenya mina ngokwami ​​lolu daba bese ngifinyelela kumnyombo walo,” kusho uCele osebe ikhansela kusukela ngo-2021.

Silindele impendulo kuMasipala weTheku

Isithombe esingenhla: Izindlu zomxhaso ezakhiwe epaki  

Umthombo wesithombe: Lungani Zungu

Izihloko zakamuva