UVusi Nova usephinde washintsha igama lakhe waba nguSnova

Sizwe Sibiya

UVusi Nova kungenzeka ukuthi useshintshe igama lakhe futhi – kodwa usaqhubeka nokucula kamnandi ngendlela ejwayelekile engomeni  yakhe yokuqala yama-piano, enesihloko esithi “Shuku Shuku”.

Le ngoma ikhishwe ngaphansi kwegama lakhe elisha elithi Snova “The Black Panther”.

Akukhona okokuqala lo mculi eshintsha igama lakhe lesiteji, phambilini washintsha uVusi Nongxa wazibiza ngesibongo sakhe sangempela, uVusi Nova.

Njengoba edume ngamaculo e-R&B ajulile, umdidiyeli wengoma ethi “Ndikuthandile” kanye nethi “Thandiwe” ugxumele engomeni entsha yama-piano.

Lesi senzo sikaSnova silandela esomrepha uSizwe Alakine, owayedume ngelikaReason, owashintsha igama lakhe lasesiteji ngaphambi kokukhipha izingoma ezimbili ezintsha zama-piano.

Uma ungumlandeli omkhulu kaVusi Nova, cishe uzomthola esebizwa ngoSnova, ikakhulukazi njengoba izinsimbi zakhe ezidumile zama-piano zikhiqizwa i-Theology.

“IShuku Shuku” ikhishwe mhla ziyi-18 kuLwezi ngaphansi kwenkampani eqophayo yamakadebona embonini yezokungcebeleka uLance Stehr, i-Muthaland Entertainment.

Yize amazwibela aleli culo abelokhu eduma ezinkundleni zokuxhumana, kodwa ayikavuthi kahle le ngoma ezinkundleni zomculo njenge-YouTube lapho esabukwe khona abantu abangaphansi kwabayizi-5 000 ngemuva kwezinsuku ezintathu.

Ingabe lesi bekuyisinyathelo esibi kulo mculi oneminyaka engama-37 ubudala, oseshintshe igama lakhe ngempumelelo?

Kusekude kakhulu ukusho. Kodwa kuze kube manje uSnova ukwazile ukuthola ababhalisile abangaphansi kwabangama-90 kuphela ku-akhawunti yakhe ye-YouTube ethi “Snova”.

Izihloko zakamuva